Ukugezwa kwezandla


Ukubhebhetheka kwegciwane lomkhuhlane we-COVID-19 emhlabeni wonke jikelele, sekwenze ukuthi iminotho eminingi ivalwe, kube khona ukugula  nokufa kwabantu abaningi. Sekwenziwe imizamo eminingi ukugwema ukubhebhetheka kwaleli gciwane nokusabalala kwalo.

Abaphathi bezempilo basaqhubeka nokubheka izinsiza sokuhlola nokwelapha abathelelekile baphinde bathole ikhambi nomgomo ozolwa naleli gciwane, nathi sonke singazama ukugwema ukubhebhetheka kwalo. Singaligwema leli gciwane ngokungasebenzisi imali eningi noma ngaphandle kwemali ngokuthisishintshe indlela esenza ngayo izinto ukuze thina nemindeni yethu singatheleleki.

Kulo mbhalo sizobheka ukugezwa kwezandla nezinye izindlela zokuqikelela inhlanzeko, ukuzesinqande ukutheleleka ngamagciwane. Sizophinde sibheke imiphakathi nezingqinamba ebhekana nazo ekulandeleni ezenhlanzeko nokuthi lezi zingqinamba zingaxazululwa kanjani.

Isikhathi sokugeza izandla hlela

Ucwaningo luyaveza ukuthi indlela engamoshi mali ekwazi ukunqanda ukubhebhetheka nokuthelelana ngezifo ezifana nomkhuhlane we covid-19, ukujwayela ukugeza izandla ngensipho namanzi ompompi.[1][2][3] Kusho ukuthini ukujwayela ukugeza izandla na? Ongqondongqondo bezifo nezempilo bathi kumele uhlezi ugeza izandla:

  • Uma uphuma endlini yangasese.
  • Emva kokushintsha umntwana inabukeni.
  • Ngaphambi kokuba ufunze umntwana.
  • Ngaphambi kokulungisa ukudla nangemuva kokuthinta inyama eluhlaza, inhlanzi noma inyama yenkukhu.
  • Uma kade ukuthinta isilonda.
  • Uma uqeda ukuthimula, ukukhwehlela noma ukufinya.
  • Uma uqeda ukuthinta izilwane noma indle yazo.
  • Uma uqeda ukuthinta udoti.
  • Uma uqeda ukuthinta izindawo ezivulelekile emphakathini.[4]

Indlela yokugeza izandla hlela

Kusobala ukuthi ugeza izandla ngensipho namanzi ompompi zikhathi zonke kungumkhuba obalulekile. Kodwa ke ukugezwa kwezandla kusebenza uma kwenziwe kahle. Ukuze  ugeze izandla  kahle ngendlela kufuneka:

  • Ugeze izandla zakho ngensipho namanzi ompompi njalo nje. Insipho ejwayelekile iyawenza nayo umsebenzi njengensipho ebulala amagciwane.  Ungasebenzisa umlotha esikhundleni sensiphouma insipho ingekho.
  • Enye indlela yokugeza izandla esebenzayo futhi eyonga amanzi ukusebenzisa uketshezi oluyisibulala magciwane (sanitizer) olunotshwala obungamaphesenti angama-60 okungenani uma lukhona. Uma amaphesenti ephezulu kusho ukuthi lolu ketshezi (sanitiser) lusebenza kakhulu. Lolu ketshezi lutholakala ezitolo zemithi nasezitolo zokudla, kodwa uma lungekho, insipho namanzi kwanele.
  • Hlikihla izandla zakho imizuzwana engama-20 okungenani. Gezisisa phakathi kweminwe, ingemuva kwezandla, izihlakala nangaphansi kwezinzipho.
  • Yakazisisa izandla zakho ngamanzi ompompi
  • Sula izandla zakho ngethawula elihlanzekile.[5]

Eminye imiphakathi ayinawo amanzi ompompi ahlanzekile. Okwamanje sibonile ukuthi ukusebenzisa amanzi ompompi ahlanzekile kubalulekile ekuvikeleni emagciwaneni angabonakali. Kulengxenye elandelayo sizobheka ukuthi kungeziwa njani uma amanzi ahlanzekile engekho.

Ezinye izindlela zokuqinisekisa ukuba khona kwamanzi ahlanzekile hlela

Uma amanzi ahlanzekile engekho kungahlanzwa amanzi atholakala emadamini nasemifuleni ukuze kubulawe amagciwane angabonakali.Kafishane nje, ukuhlanzwa kwamanzi kungenziwa ngezindlela ezilandelayo:

  1. Ukukhushwa kodoti: Lokhu kusho ukukhipha udoti omkhulu ojwayele ukuba namagciwane angamaphesenti adlule kwangama-50 emanzini.
  2. Ukucwenga: kususa udoti omncanyana emanzini angcolile ojwayele ukuba namagciwane afika emaphesentini angama-90.
  3. Okokugcina ukubulala amagciwane asele ngesibulala magciwane.[6]

Ungakwazi ukuzakhela isicwengamanzi sakwa Biosand esizokhipha udoti, sicwenge amanzi angcolile siphinde sibulale amagciwane. Lesi sicwengamanzi sisungulwe i- Centre for Alternative Water and Sanitation Technologies. Ungaya ku- resources.cawst.org/package/biosand-filter-instruction-manual-en, uthole khona indlela yokusakha.

Uma amanzi esehlanjiwe kumele ageleze/ahambe uma ugeza izandla. Miningi imishini ongayakha esebenzisa izinto ezitholakala kalula. U-Peter Morgan uhlanganise enye ayisebenzisa eZimbabwe, itholakala ku: https://www.aquamor.info

Isiphetho hlela

Ukugezisiza izandla zakho njalo ngensipho noma ngomlotha namanzi agelezayo/ahambayo iyona ndlela engamoshi mali egwema ukubhebhetheka kwezifo. Uma isifo esiwubhubhane esifana nomkhuhlane we COVID-19 sincikisela ukuphila kwethu, kubalulekile ukuthi sishintshe indlela esiphila ngayo njengokuthi siqhelelane siphinde futhi sigqoke izembozo zobuso(facial masks).

References hlela

  1. Rotterdam M.L. (1984). Hygienic hand disinfection. Accessed at: ncbi.nlm.nih.gov/pubmedz/6358686.
  2. World Health Organisation. How can personal hygiene be maintained in difficult circumstances? Accessed at: https://www.who.int/water_sanitation_health/emergencies/qa/emergencies.qa17/en/
  3. UNICEF The State of the World's Children. 2008. Child survival. Accessed at: UNICEF.org/publications/files/The-State-of-the-World's-Children
  4. Centers for Disease Control and Prevention. When and How to Wash your Hands. 4 December 2019. Accessed at: https://www.cdc.gov/handwashing/when-how-handwashing.html
  5. Mayo Clinic. The right way to wash your hands. Accessed at: mayoclinic.org/healthy-lifestyle/adult-health/in-depth/hand-washing/art-20046253
  6. Centre for Affordable Water and Sanitation Technology. Biosand filter. Accessed at: resources.cawst.org/package/biosand-filter-instruction-manual-en