Amanzi

umxube wevanga onesicabayo H₂O

Amanzi ayisiqa sevanga esingaphili, esiluntwentwe, esinganambitheki, esinganuki, nesicishe sangaba nambala, esiyisakhi esiyinhloko samanzimbulunga kaNomkhubulwane noketshezi bazo zonke iZiphili ezaziwayo (okuyilapho asebenza njengesincibikilisi). Abalulekile kuzo zonke izinhlobo zokuphila, nakuba engazihlinzeki ngokudla, impekumpeku, noma ngezincinciMisoco ezingokwemvelo. Ukubumbeka kwawo ngokwevanga, H20, kukhomba ukuthi amaChembe awo ngawodwa aqukethe isOhwe elilodwa namaHwanzi amabili angamaChwe, axhunyaniswe uMnananzuba. AmaChwe eHwanzi anamathelene neChwe lesOhwe engonini engama-104.45°. "Amanzi" igama lesimo esiluKetshezi se-H2O ezingeni lokushisa nokucindezeleka okuvamile.

Amanzi

Amanzi atholakala ngezimo ezimbalwa. Akha ukukhumanqa ngesimo semvula nokusahowo kube inkungu. Amafu aqukethe amathonsi wamanzi neqhwa, okuyisimo sawo esinqumile. Lapho lihlakazwa, iqhwa eliwumncwebe likhumanqa ngesimo seqhwa. Isimo esiluhowo samanzi siwumusi nomhwamuko wamanzi.

Amanzi asibekela ubuso bomhlaba obungaba ama-71 ekhulwini, izilwandle nezildwadwa kuyizo ezakha amanzi amaningi ngomthamo (angaba ngama- 96.5%). Izingxenye ezincane zamanzi zitholakala njengamanzi aphansi (1.7%), amanzi asemaqeqebeni nasemchpheni weqhwa e-Antarctica nase-Greenland (1.7%), kanye nasemoyeni njengomhamuko, amafu (aqukethe amaqhwa namanzi awuketshezi alenga emoyeni), nokukhumanqa (0.001%). Amanzi ahamba ngokuqhubekayo ngomjikelezo wamanzi wokuhwamuka,