Umncwebe weqhwa

Iqhwa lamanzi olunobumo obulinganayo

Imincwebe yeqhwa iyiqhwa elinqumile elinomumo olinganayo ohlanganisa imingqobe ezingonithupha, a azingonithupha, namakleleba emincwebe. Imincwebe yeqhwa iyona ebanga imibukiso ehlukahlukene yomkhanyizo kumoyambulunga kanye nokwakheka kwamafu . [1]

Isithombe esiseduze semincwebe yeqhwa ekhulayo esibonisa ukulingana okuzingonithupha okujwayelekile

Isibumbeko

hlela
 
Isibonelo sesibhebhe esizingonithupha (ngaphezulu) kanye nomqobe ozingonithupha (ngezansi), okuyimimo yemincwebe yeqhwa evamileyo.

Ngaphansi kwezinga lokushisa elizungezile noma ingcindezi efanayo, imizwayi yamanzi inomumo omise okwenhlamvukazi u'V'. Ngokuba amaChwe amabili weHwanzi aqalangana nechwe lesOhwe ngengoni enamazinga ayikhulu nesihlanu (105°).[2] Imincwebe yeqhwa eyisixabadiya somncwebe esizingonithupha, okusho ukuthi imizwayi yamanzi ijijeke ngokwezingqimba eziyizingoni eziyisithupha lapho ikhazeka.[1]

Ukukhula komncwebe lusilili okwenzeka kumoyambulunga obandayo noma owomisileyo kukhiqiza izilinganiso ezizingonithupha.[3] Imimo engathokala emincwebeni yeqhwa ihlanganisa imiqobe, usungulo, izibhebhe, namakleleba. Izifanelo ezivubile nazo ziyatholakala.[1] Izikhala ezincane ezinhlayiyeni zomoyambulunga zingabutha amanzi, zikhazeke, bese zakha imincwebe yeqhwa.[4][5]

Amaphatho

hlela
  1. 1.0 1.1 1.2 Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named :0
  2. Puiu, Tibi (2015-03-27). "Sandwiching water between graphene makes square ice crystals at room temperature". ZME Science (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2023-03-30.
  3. Cite error: Invalid <ref> tag; no text was provided for refs named :1
  4. Utah, University of. "We've been thinking of how ice forms in cirrus clouds all wrong". phys.org (in i-English). Kulandwe ngomhlaka 2023-03-30.
  5. "How ice crystals form in clouds". Wiley Analytical Science Magazine. Kulandwe ngomhlaka 2023-03-29.