Amayezi

Uhlobo lwamafu omoyambulunga

Amayezi awuhlobo lwamafu aphezulu akhiwa imincwebe yeqhwa. Amayezi avama ukubonakala ensokonsoko enemicu emhlophe. Amayezi avame ukwakheka lapho umoya ofudumeleyo, nowomisileyo ukhuphuka, udala ukuzikiseka komhwamuko wamanzi ezinhlayiyeni zothuli olusankimbi noma olusamatshe esithikilini sesibhakabhaka. Emhlabeni, akheka phakathi kwamamitha ayizinkulngwane ezine (4,000) nezinkulungwane eziingamashumi amabili (20,000) phezu komthebelele wolwandle.

A picture of a bright blue sky with many different types of white cirrus clouds. The clouds are over a grassy field with a line of trees in the distance.
Isibhakabhaka esiqekethe izinhlobonhlobo zamayezi

Amayezi akheka kusuka eziqongweni zeziphihli nezezishingishane futhi kwezinye izikhathi abikezela ukuza kwemvula noma iziphihli. Nakuba ewuphawu lokuza kwemvula neziphihli, amayezi nawo ngokwawo akhithikisa uhoyana lwemincwebe yeqhwa. Le mincwebe iyahlaphazeka, incibilike, futhi ihwamuke lapho ikhithika idlula emoyeni ofudumele nowomisileyo futhi ayifiki nokufika phansi. Amayezi yiwona afudumeza umhlaba. Umhlaba ofudumalayo uzogcina ukhiqiza amanye amayezi engeziwe, nokuzigcina kungumazinkintshela ozifakelelayo.

Izimongotho zokukhanya ezifana nemiqhele, zikhiqizwa ukukhanya lapho kunanana nemincwebe yeqhwa emayezini. Kukhona ezinye izinhlobo zamafu ezimbili zesigaba esiphakeme ezibizwa amayezenaba kanye namayezecuya. Amayezenaba abonakala ngathi awukhethe lwamafu, kuyilapho amayezecuya efana nesifanelo sezigaxana zamafu. Ngokuphambene namayezi namayezenaba, amayezecuya aqukethe amaconsi wamanzi akhazisiweyo.

Amayezi ayakheka nakumoyambulunga kaNotshezi, iNdonsa, uNomaxhama, uNomakhekheba nakuNolundwa. Ezinye izinhlobo zalawa mayezi zakhiwa iqhwa lomthundohwe noma lejawani, njengeqhwa lamanzi elakha amayezi kuNomkhubulwane. Ezinye izinhlobo zamafu wenqeke emkhathini zakhiwa izinhlayiyana zothuli, nazo zibizwa ngokuthi amayezi.

Incaziso

hlela
Imiqhinqo yamayezi
Cirrus castellanus
Cirrus fibratus
Cirrus floccus
Cirrus spissatus
Cirrus uncinus, commonly called mare's tails
Fall streaks in a cirrus cloud