Umngako

Isigubo sesikhala somchazazibalo

Kumchazandalo nakumchazazibalo, umngako wesikhenke sezibalo (noma sento ) uchasiswa njengenani elincane loluma oludingekayo ukuze kucaciswe noma yisiphi isikhundla ngaphakathi kwaso. Ngakhoke, umugqa unomngako owodwa (1D) ngoba kudingeka uluma olulodwa ukuze ucacise isikhundla kuwo -- ngokwesibonelo, isikhundla esingesesihlanu emugqeni wamanani.

Kusuka kwesokunxele kuya kwesokudla: kunegcagcane, negcikiva kanye nomishwayine. Igcagcane limingakombili (2D) futhi libhonqwe imishwe emngako munye; igcikiva limingakontathu (3D) futhi libhonqwe amagcagcane amingakombili; umishweyine umingakomine (4D) futhi ubhonqwe amagcikiva amingakontathu
Imingako yomkhathi yokuqala emine, evezwe esithombeni esimingakombili. Template:Ordered list