Unotha

isitshalo sesinotha esine-THC ephansi

Unotha, noma unotha lwezimboni, isigaba sezilinywa ezibizwa izitshalwa zesinotha (Cannabis sativa cultivars) ezikhuliselwa ukusetshenziswa kwezezimboni nakwezokukapha. Ingabuye isetshenziswa ukwenza izinhlobo zemikhiqizo ehlukene. Unotha kanye neqalo (bamboo), izitshalo ezikhula ngokushesha okukhulu emhlabeni. Futhi unotha kwakuyisitshalo sokuqala ukumpininizwa sibe inxoza esebenzisekayo eminyakeni eyizi-50,000 edlule. Lungahluzwa lube izinto ezihlukene zezentengiselwano, ezihlanganisa iphepha, intambo, izilukwa, ezokwembatha, izinomfi ezibhucuzekayo,ukudla kanye nokudla kwemfuyo.

Insimu yonotha e -Côtes-d'Armor, Brittany, eFrance ( Umkhiqizi omkhulu wonotha eYurophu )