Ushicilelo lakwaNgqondonkulu

umkhakha wokushicilela owabelana ngocwaningo lakwangqondonkulu nolobungoti

Ushicilelo lakwaNgqondonkulu liwumkhakha wokushicilela olwabelana ngocwaningo lakwangqondonkulu. Iningi lemisebenzi yakwangqondonkulu ivame ukushicilelwa ngezibhalwa eziyimihela, izincwadi noma iziphakamiso. Ingxenye yesibhalwa sakwangqondonkulu esingashicilelwa kodwana esixhonywa kuxhakaxholo zibizwa ngokuthi "izincwajana eziyimibiko". Iningi lemihela yenzululwazi neyezazi, kanye nezincwadi zobungoti nezakwangqondonkulu, nakuba zingabuyekezwa ibandla zonke, zesekwe amaphatho womhleli ukuze zamukelwe njengesifanele ukushicilelwa. Izingabunjalo lokubuyekezwa ibandla nezindinganiso zokukhethwa ziyahluka ngokomhela ngamunye, nangokomshicileli ngamunye, nangokomkhakha ngamunye.

Izishicilelwa eziyimihela yobuchule neyenzululwazi ngokwabahlali abayisigidi emhlabeni kusukela ngowezi-2013