Pipefitter_welder_kutzo

Uzukhwithi ( UV ) uhlobo lwemiyonzi yenzubawonga enebangacuphi elisuka ku-10 nm (elinomjinge ohambisanayo ongaba ngama-30 PHz ) ukuya ku-400 nm (750 THz ), elimfushane kunokukhanya okubonakalayo, kodwa yinde kunamagu-X. Imiyonzi yozukhwithi iyatholakala ekukhanyeni kwelanga, futhi yakha okungaba ishumi ekhulwini lemiyonzi yenzubawonga ephuma elangeni. Uphinde ukhiqizwe amagobela wamazuba, imiyonzi kaCherenkov, nayizibani zekhethelo, ezifana nezibani zomhwamuko, izibani ze-tanning kanye nezibani ezimfipha.