Brenda Fassie

umculi baseNingizimu Afrika

UBrenda Nokuzola Fassie (3 ngoLwezi 1964 – 9 ngoNhlaba 2004) wayengumculi waseNingizimu Afrika. Iphephandaba laseTime lambiza “The Madonna of the Townships” (UMadonna Wamalokishi). Futhi wayebizwa ngeNdlovukazi yomculo we-Kwaito, isidlaliso sakhe singu-MaBrrr.[1]

Brenda Fassie
Igama lokuzalwa Brenda Nokuzola Fassie
Ubezalwa 3 ngoLwezi 1964(1964-11-03)
kwaLanga,eKapa,eNingizimu Afrika
Ubefa 9 ngoNhlaba 2004(2004-05-09) (iminyaka ama-39)
eNingizimu Afrika
Izinhlobo i-Afropop, ikwaito, uMbaqanga
Abasebenzi umculi
Amaqembu CCP Records

UBrenda Fassie uvela kwaLanga eKapa. Ubizwa uBrenda waqanjwa ngoBrenda Lee, ongumculi waseMelika. Umama wakhe wayedlala ipiyano yingakho UBrenda Fassie wawazi umculo esengumtwana.[2]

Eneminyaka engam-16, waya eSoweto eGoli ukuba ngumculi.[2]  Wenze ibhendi uBrenda and the Big Dudes. Ngo1983 iculo labo u“Weekend Special” laba lirekhodi lepulatinami[3][4] .  UBrenda Fassie washiya i-Big Dudes, washiya umyeni wakhe waqala ukusebenzana nomkhiqizi waculo, uChicco Twala.[4]  Ngo1989 benza i-alibhamu “Too Late for Mama,” ngonyaka olandelayo benza i-alibhamu “Black President.”  Amaculo akhe abizwa “bubble gum.”[1][5] Ahlanganise  uMbaqanga ne-pop.  Wacula iculo “Black President” ngoNelson Mandela.  Uhulumeni waseNinginzimu Afrika walivala  ngeli culo ngoba laligxeka uhulumeni wobandlululo.[4]

 UBrenda Fassie waqala ukuba nezinkinga. Wadla noma wabhema izidakamizwa waphuza nezidakisi.  Wayengulutha  ngoba izidakamizwa zamluthaza .  Ngo1995 isithandwa yakhe uPoppie Sihlala washona yithamo eleqileyo[6] .  UBrenda Fassie waya kwi-rehab.  Ngo1998, wenza i-albhamu uMemeza.[1]   Amakophi ale albhamu athengiswa ukudlula onke amanye ama-albhamu ngo1998 eNingizimu Afrika.[7]  Amaculo akhe aqukatha iculo u-Vulindlela.  I-African National Congress yalisebenzisa iculo uVulindelela ngesikathi  souketho[8]. Ama-albhamu amanye aqukhatha  uNomakanjani  nelithi Amadlozi.[9]

UBrenda Fassie wasiwa esibhedlele ngomuhla we-26 kaMbaso (kaApreli) ngo2004.  Wavakashelwa nguNelson Mandela noWinnie Mandela noThabo Mbeki esibhedlele.  Kodwa, walala  isihlwathi .[10][11] UBrenda Fassie washona nhomuhla we-9 kaMeyi ngo2004.  

IFA (i-Legacy)

hlela

UBrenda Fassie wathegisa amaculo amaningi. Wazuza imiklolmelo emihlanu yaseImiklomelo Yomculo waseNingizimu Afrika (South African Music Awards). Ngo2004 uVulindlela wakhewthwa ukuba liculo leshumi[12].  Futhi, UBrenda Fassie  wayeyilembe  kumphakathi wezitabani[13].[6] Abalandeli bakhe baqukatha uNelson Mandela noWinnie Mandela[14][5].

Imithombo

hlela
  1. 1.0 1.1 1.2 Philadelphia, Desa (15 September 2001). "Brenda Fassie. Africa. The Madonna of the Townships". Time. Kulandwe ngomhlaka 28 April 2018.
  2. 2.0 2.1 Mazibuko, Thobile (5 May 2017). "Remembering Brenda Fassie – 13 years on". IOL. iNingizimu Afrika. Kulandwe ngomhlaka 28 April 2018.
  3. Mathe, Sam (2 August 2013). "Special team behind the MaBrr magic". Mail & Guardian. iNingizimu Afrika. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.
  4. 4.0 4.1 4.2 Olah, Nathalie (8 December 2013). "Brenda Fassie: The Woman That Begged Mandela To Sing". Noisey. Vice. Kulandwe ngomhlaka 28 April 2018.
  5. 5.0 5.1 Mathe, Sam (2014). "Brenda Fassie: a revolution without harmony". Africa is a Country. Kulandwe ngomhlaka 29 April 2018.
  6. 6.0 6.1 Krouse, Matthew (17 May 2004). "Brenda the lesbian icon". Mail & Guardian. iNingizimu Afrika. Kulandwe ngomhlaka 27 April 2018.
  7. "Brenda Fassie: A very human hero". BBC News. 10 May 2004. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.
  8. McNeil, Donald G. Jr. (17 May 2004). "Brenda Fassie, 39, South African Pop Star, Dies". New York Times. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.
  9. Brenda Fassie, Discogs.
  10. "Mbeki to visit Brenda Fassie". News24. 5 May 2004. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.[dead link]
  11. "Mandela visits Fassie". News24. 10 May 2004. Kulandwe ngomhlaka 30 April 2018.[dead link]
  12. Haskins, Sylvester; Mashego, Mojalefa (7 May 2004). "Fassie gets Song Of The Decade nomination". IOL. Kulandwe ngomhlaka 29 April 2018.
  13. Stein, David (9 May 2014). "BRENDA: THE 2003 MAMBA INTERVIEW". Mamba. Kulandwe ngomhlaka 27 April 2018.
  14. Nemakonde, Vhahangwele (3 November 2015). "When Brenda Fassie made Mandela dance". Citizen. iNingizimu Afrika. Kulandwe ngomhlaka 29 April 2018.