INhlayiyana yeChwe

inhlayiyana enesisindo esincane kunesechwe

Ngokwenzululwazi yomchazandalo, inhlayiyana yechwe iyinhlayiyana eyakha ichwe. Ngokonongo oluyindinganiso yomchazandalo wenhlayiyana, inhlayiyana yechwe kungaba inhlayiyana eyinhlanganiselo, eyakhiwa ezinye izinhlayiyana (isb. intunge, ibane). Umchazandalo wenhlayiyana nomchazandalo wenuzi ucwaninga lezinhlayiyana nendlela ezinanana ngayo.

Inhlayiyana eyinhlangano iNelesi lakhiwa izinkemfe ezimbili eziphezulu kanye nenkemfe eyodwa ephansi, okuyizinhlayiyana eziyisisekelo .

Imigcanso ibonisa ukuthi ukukhanya kungacondoza njengendululo yezinhlayiyana (ezibizwa amabane) futhi kuveze izakhi ezifana nezomsebe. Lokhu kwaholela esicabangweni sobubili benhlayiyana-msebe ukuze kuveze ukuthi izinhlayiyana zomlinganiso womngako zicondoza njengezinhlayiyana nangeZa; ingakho ngesinye isikhathi zibizwa ngokuthi izinhlayiyamaza ukuze kuveze lokhu.