IZimbabwe yizwe lase Afrika. Lezwe linemingcele neNingizimu Afrika, iButswana, iZambiya kanye neMozambiki. Igama elithi Zimbabwe livela egameni elithi "dzimba dzamabwe" elisho "indlu yamatshe" ngolimi lwesiShona. Indlu yamatshe, egcinwe njengendawo yomlando, yayiyisihlalo soMbuso weMutapa inkosi yawo eyayibusa le ndawo ezikhathini zasendulo.

Isaga: "Unity, Freedom, Work"[1]
Inkondlo: Simudzai Mureza WeZimbabwe  (Shona)
Kalibusiswe Ilizwe leZimbabwe  (Sindebele)
"Blessed be the land of Zimbabwe"
[2]
Idolobha elikhulu IHarare
Izilimi IsiNgisi, isiShona, isiNdebele
Abantu BaZimbabwe
Government IRiphabliki womongameli ingengxenye
 -  Umongameli Emmerson Mnangagwa
 -  Umongameli isekela uEmmerson Mnangangwa uDr Constantino Chiwenga and Kembo Mohadi
 -  Ungqongqoshe phezulu isekela
Ukwenza
 -  Ukuzisa ahlukana wOmbuso Ohlangeneyo 11 ngoLwezi 1965 
 -  Ukuthatha ahlukana 11 ngoMbaso 1980 
Ubukhulu
 -  Jikelele 390,757 km2 (60)
150,871 sq mi 
Inani labantu
 -  2009 ukulinganisa 12,521,000 (68)
 -  Ixuku labantu 26/km2 
57/sq mi
Imali iRandi (RSA), Upula (P), Upondo (GBP), iDola ($), Euro (€)

Umlando hlela

Umlando wakuqala

Izakhamuzi zokuqala kukholakala ukuthi zingabazingeli bomphakathi wakwaWasani. Emakhulwini okuqala AD kwafika abantu bokufika baseBantu ababenamakhono ezolimo kanye nokwenza umsebenzi wezinsimbi. Kusukela ngekhulu le-11, iZimbabwe yanamuhla ibe nemibuso enamandla emzileni obalulekile wokuhwebelana, ikakhulukazi umbuso waseMutapa.

Ubukoloni

I-Cecil Rhodes' British South Africa Company yasungula imingcele yamanje ngeminyaka yawo-1890. Ikoloni laseBrithani lasungulwa ngo-1923 ngaphansi kwegama le-Southern Rhodesia. Ngo-1965, uhulumeni wase-Europe wamemezela inkululeko egameni leRhodesia kuphela. Ngemva kweminyaka engu-14 yokuhlukaniswa kwamanye amazwe kanye nokulwa nezakhamuzi zase-Afrika ngeminyaka yawo-1970, isivumelwano sika-1979 savumela zonke izakhamuzi ukuba zibe nelungelo lokuvota futhi izwe lakhululeka ngempela ngaphansi kwegama leZimbabwe ngo-1980.

Ngemva kokuzimela

UMongameli Robert Mugabe waduma kwezombusazwe njengomuntu owayelwisana lobukoloni kodwa waphinda waba ngumashiqela owabuyisela emuva umnotho wezwe. Ngemva kokuphoqwa libutho ukuthi asule esikhundleni, mhlaka 24 Lwezi 2017 u-Emmerson Mnangagwa waba ngumongameli omutsha weZimbabwe.

Abantu hlela

Iningi lezakhamizi (82%) lingabesizwe samaShona, 14% ngamaNdebele, 2% abezinye izizwe zase-Afrika, 1% ngamaMachotara, amaNdiya, abeLungu, njll. Njengamanje kunezilimi ezisemthethweni eziyi-16. Izilimi eziyinhloko isiShona (70%) nesiNdebele (20%). IsiNgisi siwulimi lokuqala lwabantu abangaphansi kuka-2.5%. Ngokwenkolo, ama-84.1% angamaKristu (ikakhulukazi amaSheshi, ama-8% angamaKhatholika, amaSabatha namaWeseli). Abanye bangabalandeli bezinkolo zendabuko zase-Afrika (4.5%), bangamaSulumane (0.7%), noma abanayo inkolo (10.2%).

Imithombo hlela

  1. Beaver County Times (13 September 1981). Zimbabwe. The Beaver County Times. http://news.google.com/newspapers?id=AFwtAAAAIBAJ&sjid=ydkFAAAAIBAJ&pg=3340,2548451&dq=zimbabwe+unity-freedom-work&hl=en. Retrieved 2 November 2011. 
  2. CIA (2011). The World Factbook – Zimbabwe. 2011. Central Intelligence Agency. Archived from the original on 16 April 2020. https://web.archive.org/web/20200416053740/https://www.cia.gov/library/publications/the-world-factbook/geos/zi.html. Retrieved 2 November 2011.