Impekumpeku

isidlakathi sendikimba enyakazayo

Kumchazandalo, impekumpeku yento iwuhlobo lwesidlakalasi leyonto enaso ngenxa yokuphekuzela noma umdiki wayo.

U-Émilie du Châtelet (1706-1749) ephethe ikhampasi elilodwa esandleni sakhe sokudla. Waba ngowokuqala ukushicilela ngobuhlobo bempekumpeku nomdiki

Kumchazandalo omdala, impekumpeku yento engampimpilizi enesisindo m ehamba ngejubane v ibalwa kanje .[1]

Impekumpeku yento ilingana nomkhwishizo, isiphoqi esiphindwe nomkhwebuko, odingekayo ukufinyelela isivinini esibaluliwe. Ngenxa yokuzuza lesidlakalasi lapho ikhawuleza, isisindo sizoqhubeka nokugcina impekumpeku ngaphandle uma ijubane laso liguquka. Inani elifanayo lomkhwishizo lwenziwa yinto lapho iphungula ijubane layo kufika ekugculeni kwayo.[1]

Isimiso sokulinganisa impekumpeku sibizwa ngokuthi umjulu (joule).

Kumchachiso wobucakathi obukhethekile, isibalo siyicishelo elihle lempekumpeku kuphela lapho isivinini v singaphansi kwejubane lokukhanya.

Amaphatho

hlela
  1. 1.0 1.1 Resnick, Robert and Halliday, David (1960) Physics, Section 7-5, Wiley International Edition