Inhleleliso yesiCikizi

imiyalelo yokugunudwa isicikizi

Inhleleliso yesiCikizi iluchungechunge noma iqoqo lemiyalelo ngolimi lokuhlelelisa okuyiyona iyenza isiCikizi sisebenze . Izinhleleliso zesiCikizi ziyisigcoyi esisodwa sehlelokusebenza, kuhlanganise nombhalo nezinye izigcoyi ezingaphatheki.

Umkitizo wenhleleliso yesicikizi olotshwe ngolimi lwe-HTML nangolimi lwesiqakaqo seJava
ihleleliso vs. Inqubo vs. Uchungechunge


Inhleliso yesicikizi uma isesimweni sokufundwa umuntu ibizwa umkitizo (source code). Umkitizo udinga enye inhleleliso yesicikizi ukuze ukwazi ukugununda ngenxa yokuthi izicikizi zigununda iziyalelo zenguxa yazo kuphela. Ngalokho, umkitizo ungahunyushelwa eziyalelweni zenguxa ngokusebenzisa isikhumushi (compiler) solimi. (Izinhleleliso zolimi lwenguxa zihunyushwa ngokusebenzisa isihleli (assembler).) Uhele (file) oluba ngumphumela lubizwa ngokuthi isigunundwa (executable). Kolunye uhlangothi, umkitizo ungagunudwa ngaphakathi kwesihlakahli solimi.

Uma isigunundwa sifuneka ukuze sigunundwe, khona ingqalahlelo (operating system) izosigidlabeza enkumbulweni bese iqala inqubo. Isidludlungi esimqoka (central processing unit) ngokushesha sizoqhebezela kuleyo nqubo ukuze silande, siguquzekelele,, futhi sigununde umyalelo ngamunye wenguxa.

Uma umkitizo udingeka ukuze ugunundwe wona, khona ingqalahlelo izogidlabeza isihlakahli esihambisanayo enkumbulweni bese iqala inqubo. Ngalokho isihlakahli sizogidlabeza umkitizo enkumbulweni ukuze sihumushe futhi sigununde umusho ngamunye. Ukugununda umkitizo kusilili (kudla isikhathi) kunokugununda isigunundwa. Ngaphezu kwalokho, isihlakahli kufanele sifakwe esiCikizini.