Umkitizo

iqoqo leziyalezo zesicikizi ezilotshwe ngolimi lwesiCikizi olufundekayo

Programming_code

Kwezokucikiza, umkitizo uyiqoqo leziyalezo ezibhalwa kusetshenziswa ulimi lokuhlelelisa olufundwa ngabantu, imvama oluyisiqakaqo esicacile. Umkitizo wenhleleliso ngokukhethekile uklanyelwe ukwenza lula umsebenzi wabahlelelisi besicikizi, okuyibona abacacisa izenzo okufanele zenziwe isicikizi lapho bebhala umkitizo.

Isibonelo esilula somkitizo wolimi C, ulimi lokuhlelelisa .

Umkitizo imvama uguqulwa isihlelembi (assembler) noma isihlanganisi compiler) kube umkitizo wenguxa omabhangqa nongagunundwa isiCikizi. Khona umkitizo wenguxa uba otholakalayo ukuze ugunundwe esikhathini esizayo.

Iningi lamahlelokusebenza asatshalaliswa ngesimo esibandakanya izihele ezigunundekayo kuphela. Uma umkitizo bewuzobandakanywa kuzo, lokho bekuzoba usizo kumsebenzisi, umhlelelisi noma umhleli wesimiso, omunye wabo ongaba nesifiso sokufundisisa noma aguqule inhleleliso.

Kwezinye izimo, kuye ngezobuchwepheshe ezisetshenziswayo, umkitizo ungahlakahlwa futhi ugunundwe ngokuqondile.

IziNcasiselo hlela

Incasiselo kaRichard Stallman, ecabaywe kwimvume yakhe ye-GPL ye-1989, yaphakamisa umkitizo njenganoma isiphi isimo ihlelokusebenza elenziwe ngaso:

“Umkitizo” womsebenzi usho uhlobo lomsebenzi okhethiwe wokwenza ushintsho oluncane kuwo.[1]


Eminye imithombo yakudala ichasisa umkitizo njengohlobo lwesiqakaqo solimi lokuhlelelisa, ngokwesibonelo:

Umkitizo uwuhlobo lwehlelokusebenza njengoba lubhaliwe ngokwendabuko (i.e., lalotshwa esicikizini) ngumuntu ngesiqakaqo esicacile (plain text) (i.e., izimpawu zosonhlamvusibalo ezifundekayo).[2]

  1. Richard Stallman - 1989 - Announced through the GNU Bulletin and published with GNU software - https://www.gnu.org/licenses/gpl-3.0.html
  2. The Linux Information Project. "Source Code Definition" Archived 3 October 2017 at the Wayback Machine.