Inzululwazi yesiCikizi

isifundo somcikizo

Inzululwazi yesiCikizi iyisifundo somcikizo, ukwaziswa nenhleleleko. [1] Inzululwazi yesiCikizi ihlanganisa uqeqesho lwesumbono (olufana nemikholezima, isumbono lomcikizo, nesumbono lokwaziswa) kanye noqeqesho olusetahenziswayo (olufana nokuklanywa nokugunundwa kwehlelozigcoyi nehlelokusebenza). Nakuba lesifundo sithathwa [[Uqeqesho lakwaNgqondonkulu |njengoqeqesho lakwaNgqondonkulu]], inzululwazi yesiCikizi ihlobene kakhulu nokuhlelelisa isicikizi.

Imikholezima kanye nezinhlaka zemininingo zimqoka kunzululwazi yesicikizi. Isumbono lomcikizo lunake Izinongo zomcikizo ezikhanyangwayo kanye nezigaba ezivamile zezinkinga ezingaxazululwa ngazo. Umkhakha womchazanyandla kanye nezokuphepha kwesicikizi zibandakanya ukufunda ngezindlela zokuvikela ukuxhumana nokuvimbela ukuntengantenga kwezokuphepha.

Imithombo

hlela
  1. Denning, P.J.; Comer, D.E.; Gries, D.; Mulder, M.C.; Tucker, A.; Turner, A.J.; Young, P.R. (February 1989). "Computing as a discipline". Computer 22 (2): 63–70. doi:10.1109/2.19833. ISSN 1558-0814. https://ieeexplore.ieee.org/document/19833. Retrieved March 3, 2022.