IsiCikizi esiyisiBhebhe

isiCikizi esiphathwayo esinombukiso ohlayiziwe, intandelo nesiphathanzuba

IsiCikizi esiyisibhebhe, esivame ukubizwa isiBhebhe, siyisilekeleli esiphathwayo, imvama esinenhleleliso nentandelo yombukiso wesihenqo esithintwayo, kanye nesiphathanzuba esifukuthwabusha, konke okufakwe phakathi kwesigxisho esisodwa esiyisicaba nesilubunda. Izibhebhe, njengoba ziyizicikizi, zenza okwenziwa ezinye izicikizi, kodwa zintula amakhono egalelo/mphumela ezinye ezinawo. Izibhebhe zanamuhla zifuze omakhalipha (smartphones), umehluko okhona owokuthi izibhebhe zinkulu kunomakhalipha, zinezihenqo ezingaba amacentimitha ayi-18 noma ukweqa, uma zilinganiswa bulungangoni, futhi kungenzeka zingabi nofikelelo kuxhoxho lwekhukhu (cellular network). Ngokungafani nezicikizi ezigonwayo (laptops), izibhebhe imvama zisebenza ngenhleleliso efana neyomakhalipha.

I- iPad yakwa-Apple (kwesobunxele) kanye ne -Amazon Fire, iziCikizi eziyizibhebhe ezimbili ezidumile
ubuso be-iPad Pro (5th generation)
i-Samsung Galaxy Tab S4 (ncwaba 2018) enepeni noqwembe lokuqhofoza

Umbukiswano wesihenqo esithintwayo ugidingwa emiqanguzo yezandla egunundwa umunwe noma ipeni lezezibhangqiwe (isicikici), kunokuthi kube nesikhombi (mouse), isibheqe esithintwayo, noqwembe lokuchofoza lwezicikizi ezinkulu. Izicikizi eziphathwayo zingajinjwa ngommomo nokuba khona koqwembe lokuchofoza loqobo. Izinhlobo ezimbili zezibhebhe, ukhethe neNcwajana, azinalo uqwembe lokuchofoza loqobo futhi zivame ukusebenzisa uqwembe lwendwalazo oluvezwa esihwenqweni esithintwayo. Ukuze zivale isikhala sokuntula uqwembe lokuchofoza loqobo, iningi lezibhebhe ziyakwazi ukuxhuma ezibhebheni soqobo esizimele ngamazafuphi (Bluetooth) noma i-USB.