UMphrofethi uBhekinduna L. Shelembe

UMprofethi u-Bhekinduna Lotha Shelembe, uJika noma uMhlalineziyoni (1944-2005) wayengumholi kamoya nomsunguli weBandla lamaNazaretha aseKumuphuleni, KwaZulu-Natal.  UShelembe owazalelwa Ondini, wakhulela eMlambomunye waqala uhambo lwakhe lwezenkolo njengomfundisi webandla lamaZayoni (Independent Church of Zion) ngaphambi kokuphendukela enkolweni yobuNazaretha ngowe-1970. Uqhubekile nokusungula ibandla lamaNazaretha aseKumuphuleni, KwaHhaza, eHowick elaba isizinda senkolo esibalulekile endaweni.

uMphrofethi u-BL Shelembe
Ubezalwa 06 kuZibandlela 1944
Ubefa 15 kuNcwaba 2005
Ubuzwe owaseNingizimu Afrika
Occupation Umholi weBandla lamaNazaretha
Years active 1970–2005
Known for Ukuhola Ibandla lamaNazaretha aseKuphumuleni
Title uMprofethi, uMfundisi, umelaphi ngokomoya nomhlabeleli
Successor u-Alpha Shelembe
Parents Lesheni Amos Shelembe noAmaliya Bhengu
uJika onjengelanga

Ibandla ayelihola laqala ukuzimela qekelele kusukela ngeminyaka yawo-1978 emumva kwezigameko ezenzeka eKuphakameni ezelama ukukhothama kweNkosi u-JG Shembe ngoZibandlela 1976.[1]

Ukuzalwa nempilo yobuntwana

hlela

Wazalelwa endaweni yasOndini, KwaZulu ezalwa uyise uLesheni Amos Shelembe nonina u-Amaliya Bhengu mhla zi-06 kuZibandlela 1944. Wazalwa enesici esingajwayelekile enye indlebe yakhe yabe isikekile. Ekukhuleni kwakhe wagcina esebethusa abazali bakhe uma ebetshela ukuthi uNkulunkulu uyakhuluma kule ndlebe yakhe esikekile.

Kwahamba esikhathi umuzi wakubo wathutha Ondini, bagcina sebehlala emapulazini aseMlambomunye, eHowick. Naye wakhulela kuyona le ndawo usebenzela iBhunu lepulazi.[2]

Ngokwenkolo kubo babekhonza eZayoni, uyise engumprofethi nombhishobhu webandla i-Independent Church of Zion. Kunenkulumo ethi emumva kokuzalwa kukaShelembe amandla okuprofetha aya ngokuncipha kuyise, aya ngokwanda kuyena ngokukhula kwakhe.

Waba nodumo olukhulu endaweni yaseMlambomunye ngokuhamba izindawo azabe zaziwa ukuthi ziyingozi ezinjengentaba iMpukumakhasi, isiziba uMaNtombela kanye nentaba iNdunduma. Kuthiwa abantu bendawo babethi uyahlanya, kodwa yena wayethi uNkulunkulu ombuzela kulezi zindawo.[2]

Ubufundisi bakhe

hlela

Esekhulile wakhombisa ukuba nezimpawu ezibabazekayo ezitshengisa ukuba umuntu kamoya. Wayesho utho ayethi lushiwo uNkulunkulu, nangempela lugcine lwenzekile, bagcina sebekholwa abaningi ukuthi uholwa umoya kaNkulunkulu. Wagcina esegcotshelwe ubufundisi kulona.

 
Inkosi yaseKuphumuleni

Ezintshumayelweni zakhe uShelembe uthi izwi likaNkulunkulu lagcina selithi akaye eKuphakameni kuShembe. Ngaleso sikhathi owayehleli esihlalweni eKuphakameni kwakungumholi wesibili kwenkolo yabuNazaretha u-J.G Shembe[2] [3]

Waya eKuphakameni ngowe-1970, wabhabhadiswa, wagcotshwa ukuba umfundisi wenkolo yabuNazaretha. Ubufundisi bakhe baba nobutha obukhulu kwabanye abefundisi baseKuphakameni ngenxa yemijiva ayeyigqoka eyimibala okwabe kwaziwa ukuthi igqokwa uShembe kuphela. Ukunganethezeki kwakhe eKuphakameni kwaholela ekutheni uKuphumula okwabe sekuyithempeli elingaphansi kokuPhakama kuphume kuzimele.[2]

Iqhaza Lakhe Enkolweni

hlela

Ezintshumayelweni zakhe wazisa ibandla ukuthi umsebenzi wakhe emhlabeni ukuba ufakazi kaShembe. Wathi neZihlabelelo zamaNazaretha zaphrofetha ngaye.

Izihlabelelo athi zaphrofetha ngaye zimbili:

Isihlabelelo 53 sithi "Ufakazi walezi zindaba nangu yena ufikile"[4][5]

Wazisa amaNazaretha ukuthi uye ufakazi kaShembe isihlabelelo esasikhuluma ngaye.

Isihlabelelo 57 sithi "Sifuneleni abathunyiweyo ukuhola abaningi, ukubayisa kumhlali neZion emzini wokuphumula."[6]

Esinye seziteketiso noma izibongelo zikaShelembe wayebizwa ngokuthi "uMhlalineziyoni" kususelwa kuso lesi sihlabelelo esalotshwa uShembe, abaseKuphumuleni bakholwa ukuthi wayebikezela ngoShelembe nangomuzi waseKuphumuleni.

Ibandla lamaNazaretha aseKuphumuleni liyakholwa ngokuqinisa ukuthi ufakazi kaShembe nguyena uShelembe. Enye inkulumo eqinisa lokhu umlando owake kwenzeka ngesikhathi sokuphila kukaShembe. Ngonyaka ka-1923 uShembe eseChesterville wamema umfundisi othile waseZayoni ukuthi ashumayele. Kuthiwa eseqedile ukushumayela uShembe watshela amaNazaretha ukuthi lowo mfundisi wayengufakazi wakhe wokuqala wathi ufakazi wakhe wesibili uyofika esikhathini senkosi ezolandela yena.[7]

Izixhumanisi zangaphandle

hlela
  1. https://witness.co.za, 18 May 2010
  2. 2.0 2.1 2.2 2.3 Incwajana, Umlando Wenkosi YaseKuphumuleni NokuPhumula, Itholakala eKuphumuleni KwaHhaza.
  3. Manuscript: Izintshumayelo ZeNkosi yaseKuphumuleni by J.W Ntshele, Khayalamabandla, Sweetwaters, Pietermaritzburg.
  4. Izihlabelelo zamaNazaretha 53
  5. Shembe, Isaiah, and Johannes Galilee Shembe. IziHlabelelo ZamaNazaretha. Edited by Carol Ann Muller, translated by Bongani Mthethwa, University of KwaZulu-Natal Press, 2010, p. 84 v.3. ISBN 9781869141363.
  6. Shembe, Isaiah, and Johannes Galilee Shembe. IziHlabelelo ZamaNazaretha. Edited by Carol Ann Muller, translated by Bongani Mthethwa, University of KwaZulu-Natal Press, 2010, p. 86 v. 2. ISBN 9781869141363.
  7. Indaba ka-Isaiah Shembe, Vol 1, Umlando kaShembe Nezigameko ZaseKuphakameni Nasentabeni INhlangakazi. Edited by Irving Hexham & G.C Oosthuizen, trans. by Adv. T.H. Mnyandu, Mariannhill Mission Press, 2022, p. 150. ISBN 9780639714097.