Ukuvukela kweSoweto
Ukuvukela kweNtsha kwama-16 uNhlangulana we-1976 (Youth Uprising of 16 June 1976) imibhikisho elandelanayo eyaqala elokishini laseSoweto yabe isibhebhetheka ezweni lonke, lokhu kwaletha inguquko enkulu kwezombusazwe ezweni laseNingizimu Afrika. Zonke izigigaba ezenzeka ngalesi sikhathi zibhekiswa emuva kunyaka we-1953 lapho uhulumeni wobandlululo wabeka khona Umthetho weMfundo yaBantu (Bantu Education Act) [1][2]. Lomthetho wabe uhlukanisa imfundo ngokobuhlanga futhi wabe uphoqa ukuba kusetshenziswe ulimi lwesiBhunu kanye nolwesiNgisi kuphela njengezilimi zokufundisa ezikoleni ngonyaka we-1974[3].
Isendlalelo
hlelaUkungena kweqembu le-National Party embusweni kwafika nezinguquko eziningi njengokushintsha imithetho yezemfundo. Ngonyaka we-1949 uhulumeni wajuba ukuba kwenziwe iKhomishana le-Eiselen lapho kwakumele khona kubhekwe khona ukuphakwa kemfundo ay"Bantu" nukuthi ishintshew ngendlela ephakwa ngayo. Lekhomishana yayaholela ukusungulweni woMthetho weMfundo yeBantu (Bantu Education Act) ngonyaka we-1953. Lomthetho wenza kwaba yimpoqqo ukuba zonke izikole ezabe ziphethwe ngamasonto ezabe zithola uxhaso kuhulumeni ukuba zibhaliswe ngaphansi kukahulumeni. Ngalokhu uhulumeni wabe ufuna ukususa ukuphathwa kwezemfundo yama-Afrika ezandleni zamasonto knaye nezifundazwe. UMnyango weMfundo yaBantu wabe ubhekele ukuqinisekisa ukuthi imfundo yam-Afrika ihlukene futhi ibe sezingeni eliphansi. Lomthetho futhi wahlukanisa ukukhokhelwa kwemfundo yama-Afrika, umbuso wabe usebenzisa imali encane ezikoleni zabafundi bama-Afrika uma kuqhathaniswa nabafundi "abamhlophe." Ukwehla kwemali eyabe ifakwa ezikoleni zama-Afrika kwaholela ukutheni izikole ziminyane futhi zabe zinothisha abangenele, futhi bengenazo iziqu eziphelele zokufundisa [4].
Imfundo yama-Afrika yabe iwaqeqeshela ukuba benze imisebenzi yezandla njengokusbenza emaplazini, emakhishini, neminye eminingi. Lokhu kufakazelwa amazwi kaH.F Verwoerd, lapho athi khona: "Ayikho indawo yom'Afrika emphakathini wamaYurophu ngaphezu kwezinye izinhlobo zemisebenzi. Akusizi ukuba athole uqeqesho oluzomdonsela emphakathini wamaYurophu (“There is no place for [the African] in the European community above the level of certain forms of labour. It is of no avail for him to receive a training which has as its aim, absorption in the European community”) [5]Cite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name. Ngonyaka we-1954-5 othisha kanye nabafundi bazama ukubhikishela uMthetho weMfundo yaBantu, babumba inhlanganao eyabe yaziwa njenge The African Education Movement.
Ukuqhutshekiswa koMthetho weMfundo yaseNyuvesi wama-45 wavala nya ukuba ama-Afrika aye emanyuvesi "abamhlophe" (iNyuvesi yaseKapa kanye nasyaseEWitwatersrand). Lomthetho wabe uhlukanisa amanyuvesi ngokobuhlanga kanye ngezizwe zama-Afrika, okwaholela ekutheni kubunjwe amanyuvesi angamahlathi (bush universities). Kulezi ziNyuvesi kubalwa eyaseINyuvesi yaseFort Hare, eyaseVenda, eyaseNtshonalanga Kapa, lamanyuvesi abe ehlukene ngokobuzwe, nalapha kwaba khona imibhikishoCite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name.
UMthetho wezeMfundo waBantu bamaKhaladi we-1963 (Coloured Person's Education Act of 1965) kanye noMthetho weMfundo yamaNdiya we-1965 (Indian Education Act of 1965) yabekwa ukulawula imfundo yamaKhaladi kanye namaNdiya ngokulandelana futhi ukuyihlukanisa "kweyabamhlophe". UMthetho wezeMfundo waBantu bamaKhaladi wanika igunya lokuphathwa kwemfundo yamaKhaladi engaphansi kuMnyango weziNdaba zamaKhaladi, uphoqa ukuba izikole zaKhaladi zibhaliswe ngaphansi kwahulumeni. UMthetho Mfundo yamaNdiya wanika igunya lokuphathwa kwemfundo yamaNdiya kuMnyango weziNdaba zamaNdiya okwenza imfundo yamaNdiya ukuba ibe yimpoqo Cite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name .
Ngonyaka we-1974 uMphathi weBantu Education uJ.G Erasmus wakhipha umyalelo owabe uthi kusukela zi-1 uMasingana we-1975 zonke izifundo zabe zozfundwa ngolimi lwesiBhunu, lapha kubalwa lezi zifundo: izibalo, ezokubala kanye nezifundo ngabantu kusukela ebangeni lesikhombisa. Isizathu sokuphoqa ukuba kusetshenziswe ulimi lwesiBhunu yingoba ukusetshenzisa kwalo lolu limi kwabe kuphansi kakhulu nguma-Afrika[6]. Ama-afrika amaningi kanye nenhlangano yo thisha eyaziwa nge African Teachers Association of South Africa babengambisani nalokhu ngoba isiBhunu sabe saziwa njegolimi lomcindezeli ("Language of the Oppressor") njengoba kwabeka uMbhishobi uDesmond Tutu [7].
Mhla zingama-30 uMbasa 1976 abafundi baseOrlando West Junior School bangenelela isiteleka esagcina siqhubekele kwzinye izikole. Lapha abafundi babenhikishela ukuba bathole impatho efanayo nokuthi bafundiswe ngenndlela efanayo nezikole zabamhlophe. Umfundi wasesikoleni i-Morris Isaacson High School, ogama lakhe ngu-Teboho "Tsietsi" Mashinini, waphakamisa ukuthi kube khona umhlangano mhla zi-13 ukuzokhuluma ukuthi kumele kwenziwe njani ukuze bazwakale. Abafundi babumba ikomidi elaziwa nje Soweto Students' Representative Council elahlanginisa umbuthano wama-16 Nhlangulana 1976 Cite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name.
Ukuvukela eSoweto nge-1976
hlelaNgehora le-7 eSoweto ngosuku le-16 Nhlangulana 1976 umbuthano owabe uhlelwe yiSoweto Students' Representative Council uyabe iholwa ngu Teboho "Tsietsi" Mashinini wenzeka ngalolu suku wabe uhlanganisa abafundi abalelwa phakathi kwe-10 000 kuya kwi-20 000 abanye babo labafundi bebengenalo ulwazi ngaphambilini ngalombuthano [8]. Le mashi ayabe ithola ukwesekwa yinhlangano ye- Black Consciousness Movement njengoba yabe ihlelelwe ukuba ibe yimashi enokuthula noxolo yingakho yaphinda yesekwa ngothisha kanye nothishanhloko ezikoleni eSoweto [5].
Abafundi bokuqala ukuhlangana abaseNaledi High school, balandelwa abaseMorris Isaacson High School, bathuka sebevinjwe ngamaphoyisa Cite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name. Umholi wabo wabaluleka ukuba bangawasukeli amaphoyisa, baqhubeka nemashi ngenye indlela eyabaholela eOrlando High School. Abafundi kulesi lesi sikhathi babephethe azingqwembe ezabe zibhlawe ukuthi "Pansi ngesiBhunu" "Down with Afrikaans", "Viva Azania", "Uma kumele senze isiBhunu, uVoster kumele enze isiZulu" ""If we must do Afrikaans, Vorster must do Zulu". Lemashi yabe ingenalo udlame abafundi babeneme futhi nemimoya iphezulu Cite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name[9].
Kwathi ngokugamaxa kwehora lesi-9 abafundi baqhubeka nokumasha baze bafika maduzane nasesikoleni i-Orlando High School lapho bafika bama khona beqhubeka becula futhi bephethe izingqwembe zabo phezulu. Amaphoyisa aqala ukudubula ngaso lesi sikhathi, abafundi bokuqala abadutshulwa bafa ngalesi sikhathi kubalwa uHastings Ndlovu owabe eneminyaka engama-15 kanye noHector Pieterson owabe eneminyaka engama-13. Yingalesi sikhathi lapho kwaqala khona udlame olwadonsa isikhathi eside laze lwabhethekela emalokishini amaningi aseNingizimu AfrikaCite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name. Umbiko wamaphoyisa wabe uthi ngalolu suku kwafa abafundi abangama-23 ngosuku loqukala lombhikisho. Ngenkathi luqhubeka usuku ilokishi lonke labe livutha, ngoba lapha kwashiswa zonke izakhiwo zahulumeni kanye nezindawo lapho kuphuzelwa khona utshwala[10].
Ngosuku lwesibili (17 Nhlangulana)sabe sisemanzonzo isimo ngoba amaphoyisa abe esephume ngobuningi bawo eyabalelwa ezi-1500 ukuzoqapha isimo elokishini laseSoweto. Ngalolu suku isimo sabe sesishube kakhulu ngoba amaphoyisa abae esebenzisa indluzula ukukuhlakaza izixuku. Intsha nayo yaphendula kulendluzula ngokuthi ilwe nawo namaphoyisa, futhi kwaphinde kwashiswa namabhilidi kanye nezimoto zika hulumemeni ngelesi sikhathi. Izigameko zango Nhlangulana zabhebhetheka nakwezinye izindawo eNingizimu Afrika, lokhu kwadala uthuthuva olukhulu eNingizimu Afrika ngalesi sikhathi. Abantu abasha abaningi abasha balahlekelwa izimpilo zabo, abanye akwaziwua ukuthi baduka bayaphi kanti abanye baboshwa baphuma abanye abazange babuye emajele.
Bonke Abalahlekelwa yizimpilo zabo
hlelaImbibiko yabe ithi bangama-176 abashona ngemibhikisho ye-1976, lesi sibalo sibuye silinganiselwe e-700. Uhulumeni wabe ekhiphe isitatimende esithi bangama-23 abafundi abafa kwalingiselwa kwabayizinkulungwane abalimala Cite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name[11][12].
Igama | Indawo afela kuyo | Iminyaka | Usuku | Imbangela yokufa |
---|---|---|---|---|
Adams, Sandra Joyce | Kew Town | 15 | 16.9.76 | Wadutshulwa ekhanda ngaphambili (ricochet) kwsitezi sesi-3 |
Adriaanse, Noel John | Hanover Park | 13 | 2.9.76 | Wadutshulwa ekhanda ngakwesokunxele |
Africa, Pieter | Montagu | 24 | 11.9.76 | Iminingwane yokufa isaphenywa |
Albern, Bazil | Elsies River | 16 | 9.9.76 | Wuduthulwa eceleni esisiwini |
Allie, Abduraghman | Ravensmead | - | 7.9.76 | Wadutshulwa esifubeni kusuka ngaphambili |
Appolis, Christopher | Menenberg | 16 | 10.9.76 | Wadutshulwa ekhanda ngaphambilu kuJordaan Road |
August, Victor L. | Gugulethu | - | 31.12.76 | Wabikwa njengolahlekile emva kwezinxushunxushu zikaZibandlela |
Bakubaku, Golden | Nyanga | - | 26.12.76 | Wabulawa ngabasebenzi bokufika (migrant workers) |
Balnardo, Gary Sandy | Grassy Park | 19 | 16.9.76 | Wadutshulwa esinqeni kanye nasesifubeni ngaphambili kuHead Road |
Barnes, Isaac | Bonteheuwel | 16 | 25.8.76 | Wadutshulwa esifubeni kusuka ngaphambili |
Barnes, Sydney | Gugulethu | 32 | 26.8.76 | Washawa waze wafe yiqulu labsebenzi bokufika (migrant workers) |
Barron, James | Soweto | - | 26.12.76 | Wadutshulwa |
Bezuidenhout, Isaac | Mosselbay | - | 14.9.76 | Wangcwatshwa |
Bota, Michael | Nyanga East | - | 26.12.76 | Wadutshulwa wafa |
Botha, William | Nyanga | - | 26.12.76 | Wabulawa ngabasebenzi bokufika (migrant workers) |
Botha, Neville, J.G. | Retreat | 20 | 8.9.76 | Wadutshulwa esisswini kusuka ngaphambili |
Buba, Lawrence | Philippi | 14 | 9.9.76 | Wadutshulwa esifubeni kusuka ngaphambili |
Buthelezi, Leonard | Soweto | 39 | 4.8.76 | Amanxeba okuduthulwa ekhanda knaye nasemzimbeni |
Buthelezi, Joyce | - | 16 | 26.12.76 | Amanxeba okudutshulwa esifubeni nasekhanda negnkathi amaphoyisa edubula abafundi eSekano-Ntoane High School |
Carolissen, Gasant | Hanover Park | 21 | 2.9.76 | Wadutshulwa esifubeni kusuka ngaphambili |
Carolissen, Ronald C. | Stellenbosch | 22 | 9.9.76 | |
Cezala, Bonekeli | - | - | 31.12.76 | Wabikwa njengolahlekile emva kwezinxushunxushu zikaZibandlela |
Cloete, Joseph E. | - | 30 | 9.9.76 | Waduthsulwa esidlathini nasesiswini ngaphambili nasemuva kanye emqaleni ngemuva |
Cook,, Faried | Manenberg | 16 | 9.9.76 | Waduthulwa emqaleni kusuka ngemuva |
Cooke, Rodney | Bonteheuwel | 24 | 25.8.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili |
Dajee, Bhanudey | Retreat | 37 | 8.9.76 | Waduthulwa emaphashini nasenhliziweni |
Daniels, Patrick J | Elsies River | 24 | 9.9.76 | Wadutshulwa ngemuva kwekhanda |
Daniels, John | Retreat | 35 | 8.9.76 | Waduthulwa kwesokunxele esifubeni |
Daniels, Kammips | Cloetesville | 33 | 7.9.76 | Waduthulwa washona |
Davids, John | Menenberg | 16 | 9.9.76 | Wadutshulwa ekhanda ngemuva ku-Thomas Avenue |
Davids, Mogamat Rushaad | Athlone | 24 | 27.12.76 | Wadutshulwa ngemuva |
Dlanza, Dennis Bantu | Langa | 22 | 27.12.76 | Wadutshulelwa eLanga |
Dondi, T.S.B. | Gugulethu | - | 16.9.76 | Wadutshulwa |
Domtsa, N. | Mellville | 46 | 26.12.76 | Wadutshulwa washona |
Dube, Yvonne | Paarl East | 45 | 9.9.76 | Uphenyo lokufa laveza ukuthi wafa emve kokudutshulwa ngezinhlwayi eziyi-7 zesibhamu. Inkosi yasenkantolo yahtola ukuthi aketkho obandakanyekayo ekufeni kwakhe. Wabe esequlini elalijikijela amatshe |
Dunga, Gidliza | Epton | - | 1.12.76 | Wadutshulwa washona |
Dithipe, Elifas | Kagiso | - | 31.12.76 | - |
Dladla, Baby | Soweto | 28 | 14.6.76 | Wadutshulwa ekhanda |
Dlamini, Emmanuel | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Edelstein, Melville Leonard | Soweto | 57 | 16.6.76 | Washaywa yiqulu labantu abangaziwa ngamatshe waze washona |
Eesterhuizen, Johannes Hendrik | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Elliot, Charles | Manenberg | 16 | 9.9.76 | Wadutshulwa esiswini ngaphambili |
Essop, Dawood | Bonteheuwel | 30 | 25.8.76 | Wadutshulwa ngemuva |
Ferguson, Herry A.J.D | Hanover Park | 30 | 2.9.76 | Wadutshulwa emaphashini ngemuva |
Finch, Alfred A. | Retreat | 15 | 9.9.76 | Wadutshulwa kwesokudla esifubeni ngaphambili |
Fish, Edward | Ravensmead | 25 | 7.9.76 | Wadutshulwa kwesokudla esifubeni kanye nasesiswini ngaphambili |
Fisher, Ivy | Langa | 32 | 12.8.76 | Wadutshulwa ekhanda ngakwesokudla |
Follie, Enoch | Soweto | - | 18.6.76 | Wadutshulwa ngaphezu kwenhliziyo |
Garnie, R.W. | Alexandra | - | 26.12.76 | Wadutshuwa ehlombe lakwesokudla |
Gasnola, Suleman | Lansdowne | 17 | 9.9.76 | Wadutshulwa esifubeni eceleni |
Gcwabe, Abel Daniso | Gugulethu | - | 1.11.76 | Wadutshulwa ngemuva |
Genu, Fetras | Gugulethu | 18 | 12.8.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili |
Gincana, Atwell | - | - | 18.6.76 | - |
Gishi, Jackson | - | 67 | 27.12.76 | Kusaphenywa |
Gobile, Christopher | Gugulethu | 26 | 21.8.76 | Wadutshulwa esiswini ngaphambili |
Godwe, Jeffery | Soweto | - | 18.6.76 | - |
Gonxeka, Sidney Z. | Langa | 18 | 28.12.76 | Wadutshulwa washona |
Gule, Petrus | Soweto | 15 | 26.8.76 | Inxeba lokudutshulwa ekhanda |
Gumata, Jumba | Soweto | 26 | 26.12.76 | - |
Gushamn, Mhlangabezi E | Gugulethu | 28 | 11.8.76 | Waduthulwa ekhanda ngaphambili |
Guwa, Nelson | Gugulethu | 48 | 26.12.76 | Wagencwa waze wafa ngabasebenzi bokufika |
Harris, Ronald | Silvertown | 25 | 16.9.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili |
Hlakula, Stanley Mlamli | Gugulethu | 26 | 27.12.76 | Wadutshulwa washona |
Hoogaardt, Spasiena Hugenot, | Paarl | 15 | 9.9.76 | Wadutshulwa |
Hlatshwayo, Joyce | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Hlongwane, Johannes | Soweto | 43 | 12.9.76 | - |
Hlongwane, Petros | Soweto | 29 | 25.7.76 | - |
Hlokwane, N.C. | Alexandra | - | 26.12.76 | Wagxotshwa yibhasi |
Isaacs, Colin | Retreat | 31 | 9.9.76 | Wadutshulwa emqaleni ngemuva |
Isaacs, John | Manenberg | 15 | 9.9.76 | Wadutshulwa |
Jacobs, Shaheed | District Six | 15 | 3.9.76 | Wadutshulwa eceleni emqaleni kanye nasesifubeni ekhoneni lemiqwaqo Sackville and Vincent Streets, eKapa. |
Jacobs, Mervyn | Elsies River | 16 | 8.9.76 | Waduthulwa ngemuva |
Jacobs, John | Manenberg | 15 | 9.9.76 | Waduthulwa engalweni kanye nasesifubeni kwesokunxele eGreen Dolphin Bottle Store, kuJordaan Road. |
Jelems, Government | Nyanga | - | 27.12.76 | Wadutshulwa waphinde wagencwa waze wafa |
Johnson, Erol | Manenberg | - | 4.2.77 | Waduthulwa esiswini |
Jonas, Lawrence | Nyanga | 26 | 26.12.76 | Wabulawa ngabasebenzi migrant workers |
Kahn, Nazeem | Manenberg | - | 16.9.76 | Wadutshulwa esifubeni kanye nasesisiwini |
Kalakahla, Samson Fantu | Soweto | 26 | 25.8.76 | - |
Kalane, George | Soweto | 15 | 26.12.76 | - |
Kamesi, Andries | Gugulethu | 25 | 11.8.76 | Waduthsulwa ekhanda ngapambili |
Kamfer, Christiaan B. | Ravensmead | 16 | 7.9.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili |
Khalipha, Richard | Nyanga | 4 months | 15.1.77 | Isizathu sokufa asikakaziwa |
Khan, Naziem | Manenberg | 15 | 16.9.76 | - |
Kleinschmidt, Amgeline | Elsies River | 31 | 8.9.76 | Wadutshulwa emuva kwekhanda |
Komani, Brian | Nyanga | 27 | 26.12.76 | Wadutshulwa washona |
Kumalo, Joseph | Gugulethu | 22 | 3.9.76 | Wadutshulwa esiswini ngaphambili |
Kwisomba, Harry | Gugulethu | 30 | 26.12,76 | Wadutshulwa washona |
Kambule, Eliakim Sutu | - | 50 | - | Ukulimala okuningi emzimbeni |
Kekane, Andries | Mamelodi | - | 31,12,76 | - |
Kekane, Shadrack | Soweto | - | 26.12.76 | |
Keokame, Marshall | Soweto | - | 16.6.76 | |
Kgampe, Philemon | Soweto | - | 26.12.76 | |
Kgapule, Edward | Soweto | - | 26.12.77 | |
Kgate, Sydney | - | 46 | - | Wadutshulwa washona |
Kgoadi, Gustov | Soweto | - | 26.12.76 | |
Kgokong, Linda | Daveyton | - | 31.12.76 | - |
Kgongoana, Ariel "Pro" | Soweto | - | 16.6.76 | - |
Kgupisi, Herbert | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Khaje, Sydney Kabelo | Soweto | 47 | 26.12.76 | Wadutshulwa |
Khambule, Godfrey | Soweto | 12 | 24.8.76 | Aamxeba okuduthulwa ngenkathi amaphoyisa edubula esixukwini. |
Khoza, John | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Khumalo, Columbus | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Khumalo, Daniel | Soweto | 24 | 19.6.76 | Ukulimala okuningi emzimbeni |
Khumalo, Nehemiah M. | Soweto | 24 | 21.6.76 | Wagwazwa ngaphezudlwana kwenhliziyo |
Koalana, Doctor | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Koalana, Willy | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Kobedi, Kabelo | Soweto | - | 25.6.76 | - |
Koloane, David D. | - | 16 | 24.8/76 | Inxeba lokudutshulwa. Aamphoyisa ophenyweni lokufa kwakhe athi wahlasela iphoyisa ngembazo |
Kolonga, David | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Kubeka, Johannes | Soweto | 24 | 16.7.76 | Amanxeba okudutshulwa onyaweni lakwesokunxele. Wabuluwa ukopha |
Khubeka, Hilton | Soweto | 19 | 17.6.76 | - |
Khubeka, Robert | Soweto | 24 | 26.12.76 | Amanxeba okugwazwa |
Khubeka, Zabulon | Soweto | 47 | 22.8.76 | - |
Kumalo, Zolile | Soweto | - | - | - |
Kunene, Edward | Soweto | 42 | 18.6.76 | Wagwazwa kabili ngakwesobunxele esifubeni |
Kunene, Norman | - | 27 | 17.6.76 | Wadutshulwa |
Kwadi, Gunston | Soweto | 32 | 26.8.76 | Amanxeba okudutshulwa ekhanda |
Kwinana, Gregory | Soweto | 38 | 17.6.76 | - |
Laaka, Erick | - | 58 | 17.9.76 | Amanxeba amaningi esiswini |
Lebelo, Abiel | Soweto | 20 | 4.8.76 | Wadutshulwa futhi wa-teargassed |
Leburu, John | Soweto | 23 | 18.6.76 | |
Leburu, Nathaniel | - | 39 | - | Inhlamvu yangena emgogodleni |
Ledwaba, Jacob | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Lee, Ralph, R | Retreat | 34 | 8.9.76 | Wadutshulwa emaqaleni ngaphambili |
Leepo, Junior | - | - | 19.1.77 | Washiswa waze wafe ngebhomu likaphethiloli |
Lengwali, Patrick | Soweto | - | 11.1.77 | - |
Lengwathi, Patrick Themba | Soweto | - | 16.6.76 | Wadutshulwa |
Lepota, David | - | - | 26.12.76 | - |
Leroke, Hermina | Soweto | - | 26.12.77 | |
Lesele, Tutu John | Langa | 45 | 11.8.76 | Wadutshulwa isihluzu , esinqeni kanye nasesisfubeni ngemuva |
Lesejane, Ashely | Moepong | - | 31.12.76 | - |
Lesumi, J. Soweto | - | - | 26.12.76 | Wahlaselwa ngabahlali basehostela |
Letlaku, J. | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Letleka, Dominic | Soweto | 4 | 18.6.76 | - |
Letsholo, Peter | Soweto | 21 | 25.8.76 | - |
Leukes, Owen | Bonteheuwel | 17 | - | Wabokwa ohlwini lwamaphoyisa njengofile kodwa engabulawanga ngamaphoyisa |
Limba, Cyril Ivan | Manenberg | 18 | 9.9.76 | Wadutshulwa emhlane e-Vistula Tavern Bottle Store |
Linda, Petrus King | Soweto | 26 | 26.12.76 | Wafa ngokudutshulwa |
Lloyd, Jan | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Louw, Samuel | Gugulethu | 42 | 11.8.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili |
Lucas, Cornelius | Mossel Bay | - | - | Wafa ngaphambi zamhla zingama-15 kuMandulo |
Lutiya, Wiseman | Gugulethu | 22 | 11.8.76 | Wadutshulwa esiswini |
Luphindo, Inspector | Soweto | 24 | 2.7.76 | - |
Lupiwane, Goowill | Soweto | 35 | 18.2.77 | Ugebhezi oluphoqokile |
Luvatsha, Reginald | Soweto | - | 26.12.76 | |
Luvatsha, Thembo | Soweto | - | 26.6.76 | Amanxeba okudutshulwa ngezansi kwesisu |
Mabandla, Selby | Soweto | 58 | 26.12.76 | Wagencwa ekhanda ngenkathi abahlali basehostela behlasela abahlali baseSoweto |
Mabaso, Erick | Soweto | 18 | 26.12.76 | - |
Mabaso, Mathabeni | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mabaso, N | Soweto | - | 26.12.76 | Wadutshulwa |
Mabena, Peter | Soweto | - | 26.12.76 | Wagwazwa |
Mabitsa, Steven | - | 58 | 19.6.76 | Wagwazwa esifubeni - wafa ngenkathi kubhikishwa |
Maboya, Bennet | Soweto | - | 26.12.76 | |
Maboya, Bernard | Soweto | - | 26.12.76 | |
Mabuku, Glagys | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mabunda, Sam Boy | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Mabuya, B. | Soweto | - | 26.12.76 | Inxeba lokudutshulwa emlonyeni nasehlombe |
Mabuza, Patrick | Soweto | 24 | 17.9.76 | - |
Mabuza, Shadrack | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Mabyka, Gladys | Soweto | 26 | 18.2.77 | - |
Madibo, P. | Alexandra | - | 26.12.76 | Wadutshulwa ehlombe lakwesobunxele |
Madikane, Daniel | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Madzivhandla, Patrick | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Madupe, Johannes | - | - | - | Waduka ngoNhlangulana we-1976 eGa-Rankuwa. Amaphoyisa awanayo eminye imininingwane |
Maepa, Simon Soweto | - | - | 26.12.76 | - |
Maga, Dane | Alexandra | - | 26.12.76 | Inxeba lokudutshulwa |
Magadani, Florence | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Magagula, Petrus | - | 49 | - | Wadutshulwa washona |
Mahapo, Godfrey | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mahasha, Daniel | Soweto | - | 26.12.77 | - |
Mahlaba, David | Soweto | 24 | 26.12.78 | - |
Mahlambi, Pauline | Soweto | - | 26.12.79 | Inxeba lokudutshulwa ethangeni |
Mahlaza, Raymond | Soweto | 24 | 17.6.76 | Waduthsulwa enqulwini |
Mahlinza, Maxwell | Soweto | 24 | 17.6.76 | Waduthsulwa enqulwini |
Mahopo, G. | Soweto | - | 26.12.76 | Wadutshulwa washona |
Mahurawe, Titus | - | 13 | - | Wadutshulwa emuva |
Maichetha, Walter | Soweto | 15 | 26.12.76 | - |
Mailangwe, Richard | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Maipa, Simon | Soweto | - | 26.12.77 | - |
Majambela, Archibald | Gugulethu | 23 | 11.8.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili |
Majamba, Douglas | Philippi | 20 | 12.8.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili |
Majeka, Rebecca | Langa | 37 | 11.8.76 | Wadutshulwa emqaleni ngemuva |
Majoko, Daniel | Soweto | - | 26.12.78 | - |
Majola, Nongoentu | Soweto | 28 | 8.8.76 | Wadutshu;wa wafa ngamphoyisa asebenza kulayini westimela |
Majola, Boy | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Majola, Titus | Soweto | 15 | 19.7.76 | - |
Makaluza, Ellen | Gugulethu | - | 26.12.76 | Wagencwa wafa ngebasebenzi bokufika |
Makundayi, Monica | Gugulethu | 5 | 26.12.76 | Wadutshulwa washona |
Makate, Washington | Soweto | 26 | 25.8.76 | Amanxeba okuydutshulwa ngohlwayi emilenzeni yombili. Wopha waze wafa |
Makari, Abraham | Soweto | 43 | 18.2.77 | Amanxeba okugwazwa |
Makate, Washington T. | Soweto | - | 26.12.76 | Wadutshulwa emqaleni |
Makgabane, Peter | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Makgetle, David | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Makhabane, Petrus K. | Soweto | - | 26.12.76 | Wadutshulwa esifubeni kanye naseseswini |
Makhari, Abraham | Soweto | 33 | 26.12.76 | - |
Makhetha, Percy | - | 15 | 26.12.76. | Inxeba lokudutshulwa |
Makhotla, Makhosi | Soweto | 41 | 7.9.76 | Amanxeba okudutshulwa esiswini |
Malindisa, George | Soweto | 23 | 31.7.76 | - |
Mamogobo, Ezra | - | 49 | 24.7.76 | Ukulimala emzimbeni kanye nasekhanda |
Maneli, Gladwell, V. | Gugulethu | - | 2.1.77 | Washawa wafa yiqulu labasebenzi bokufika |
Manale. Herbert | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Manganyi, Victor | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Manhayi, Arthur | Soweto | 24 | 24.8.76 | Wagencwa waze wafa, kusolaka abahlali basehostela (hostel dwellers) |
Mankayi, Benjamin | Soweto | 39 | 23.8.76 | Wagwazwa ngesikhtahi kuhlasela abahlali basehostela |
Mankayi, Gideon | Soweto | 39 | 24.8.76 | Wanqunywa ekhanda ngesikhali esibukhali |
Maphalala, S. | Soweto | - | 27.8.76 | Wadutshulwa |
March, Phillip | Soweto | 16 | 20.6.76 | Wadutshulwa kathathu ekhanda |
Marney, Alfred | Retreat | 18 | 16.9.76 | Wadutshulwa emhlane |
Maseko, Sara | Soweto | 46 | 17.6.76 | Amaxeba okuduthulwa emathangeni. Wabulawa wukopha |
Maseko, Sylvester Vusi | Soweto | 21 | 20.9.76 | Amaxeba okudutshulwa ekhanda |
Masiba, Nkululo, S. | Gugulethu | 22 | 11.8.76 | Wadutshulwa ehlombe lakwesokudla ngemuva |
Masimango, Bernard | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Masuku, Themba | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Masenya, Grace | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mashaba, Johannes | Soweto | 22 | 26.12.76 | Waklinywa. |
Mashiane, F.B. | Soweto | - | 26.8.76 | Wadutshulwa |
Mashinini, Morris | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mashombo, Ben | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Masilela, Aby | Soweto | 24 | 26.12.76 | Amanxeba amaningi |
Masilo, Boas Sydney | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Masilo, E.N. | Soweto | - | 24.8.76 | Wagencwa ngabahlali basehostela |
Masinga, David | Soweto | 19 | 16.6.76 | - |
Masuiga, David | Soweto | 19 | 16.6.76 | - |
Mathabathe, Aaron | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Mathagane, Elifas | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Mathebula, Jacob Sydney | Soweto | 22 | 4.7.76 | Wadutshulwa onyaweni |
Mathebula, Josiah | Soweto | 54 | 26.12.76 | Ukulimala emgogodleni. |
Matheson, Reginald C. | Retreat | 18 | 8.9.76 | Wadutshulwa emhlane, emqaleni kanye nasekhanda ngemuva. S |
Mathobela, Johan | Soweto | 19 | 12.8.76 | - |
Matimela, Lazarus | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Matlhaku, Samuel | Soweto | 66 | 26.6.76 | - |
Matome, Mackenzie | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Matsabu, Abel Jan | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Matsapola, E. | Soweto | - | 26.12.76 | Amanxeba ambili okudutshulwa |
Matsepe, Jeffrey | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Matsunyane, James Sello | Soweto | - | 26.12.76 | Wadutshulwa emhlane, inhlamvu yangena emzimbeni |
Mavimbela, Sipho | Soweto | - | 18.6.76 | Wadutshulwa esifubeni |
Matyeni, Wellington K. | - | 21 | 31.12.76 | Wabikwa njengolahlekile ngoZibandlela we-1976 |
May, Nicholas | Retreat | 19 | 8.9.76 | Wadutshulwa emuva |
Mazomba, Boy Charles | - | 18 | 14.9.76 | Amanxeba okudutshulwa kugonyelwa ukuthi wabe onela phansi ujantshi wesitimela ngaphambi kokuba abalekele iphoyisa elamdubula |
Mazwai, Zizwe | Gugulethu | 18 | 8.9.76 | Waya kovakashela umngani ngehora lesi-6 kusihlwa mahlazingama-8.8.76. Isidumbu sakhe satholakala emakhazeni ngosuku olulandelayo. |
Mbali, James | - | 15 | 1.12.76 | Wadutshulwa washona |
Mbatha, Ames | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Mbatha, Dumisani Isaac | - | 16 | 25.9.76 | - |
Mbatha, Sipho Clement | Soweto | 22 | 24.10.76 | Amanxeba amaningi okuduthulwa esifubeni kanye naseseiswini |
Mbebe, Frank | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mbeki, Princess | Soweto | - | 17.9.76 | Amaphoyisa adubula esixukwini sabafundi eSekano-Ntoane High School. Amanxeba okudutshulwa |
Mbele, Aaron | Soweto | - | 26.12.76 | Washaywa yinhlamvu yesibhamu |
Mbele, Simon | Soweto | - | 24.10.76 | Wabulawa amaxeba okudutshulwa ekhanda kanye nasesifubeni |
Mbengwane, Stanley | Soweto | 28 | 26.12.76 | - |
McDeci, Richard | Manenberg | 35 | 9.9.76 | Wadutshulwa emuva |
Mchunu, Moses | Soweto | 12 | 26.12.76 | Ikhanda labe linqunywanqunywe kaningi |
Mda, John | Soweto | 32 | 17.6.76 | Amanxeba okudusthulwa esifubeni kanye nasemaphashini |
Mdayi, Dambile, S. | Langa | 24 | 11.8.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili |
Menwe, Peter | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mevana, David | Soweto | - | 26.12.76 | Wadudutshulwa kwiphe |
Meyer, Karel | Sherwood Park | 45 | 9.9.76 | Wadutshulwa esinqeni ngakwesokudla ngemuva |
Mhlanga, Samuel | Soweto | 17 | 26.12.76 | Ugebhezi oluphoqozekile |
Mhlongo, Felix | Alexandra | - | 18.6.76 | Wadutshulwa - walimala emphashini, enhliziweni kanye nasemgogodleni |
Miller, Lord | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mithi, Lily | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mjamba, Douglas | Gugulethu | 20 | 12.8.76 | - |
Mkafulo, Cajulo | Langa | 36 | 11.8.76 | Wadutshulwa emhlane kanye nasenhiziweni ngemuva |
Mkhize, Tusokwakhe | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mkhotlana, Elias | Moletsane | 43 | 26.12.76 | - |
Mkhwanazi, Israel | Soweto | 26 | 26.12.76 | Amanxeba okugwazwa |
Mkhwanazi, Lindiwe | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mkwanzi, L | Soweto | - | 26.12.76 | Wadutshulwa |
Mlangeni, Lea | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mlangeni, Mbopha | Soweto | 18 | 14.9.76 | - |
Mlilo, Amos | - | 30 | 24.8.76 | Amaphoyisa atshela inkantolo ephenya ngokufa kwabantu ukuthi kwakungenzeka ukuba abae isisulu sabahlali basehostela eSoweto. |
Mlotshwa, Derrick | - | 23 | 14.9.76 | Amanxeba amaningi okudutshulwa esifubeni. |
Mmutle, Dennis | Soweto | - | 26.12.76 | Inxeba lokudutshulwa ecelani. |
Mncedisi, Mazwi | Gugulethu | 16 | 9.9.76 | Wahamba eyolongongela ibhola mhla ziyi-9.9.76. Isidumbu sakhe satholakala emakhazeni ngosuku olulandelayo. |
Mncube, Gideon | Soweto | 20 | 15.7.76 | - |
Mnculwane, Mantombi | Soweto | - | 26.12.76 | Wadutshulwa |
Mngemane, Morris | Soweto | 18 | 20.6.76 | Amanxeba ama-5 okudutshulwa |
Mngoma, Tenson | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mngomezulu, Simon | Soweto | 29 | 18.6.76 | |
Moatlhudi, Agnes | Soweto | 10 | 26.12.76 | - |
Moatse, Titus | Soweto | 15 | 19.7.76 | - |
Modisane, Samuel Oupa | Soweto | 19 | 24.8.76 | Inxeba lenhlamvu enhliziweni. Watholakala efile emgwaqeni buqamama nakubo. Waduthulwa ngamaphoyisa ngohlwayi ngenkathi isixuku sihlakazeka |
Modise, Peter | - | 60 | - | Ukulimala ekhanda |
Modise, J. | Dobsonville | - | 26.12.76 | Wadutshulwa esiswini |
Modukanele, Isaac Rasebata | Alexandra | - | 26.12.76 | Wadutshulwa |
Modukanele, Jacob | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Moerane, Jacob | Soweto | 23 | 19.6.76 | Washiswa ngaphansi kwemoto |
Mofokeng, R.A. | Soweto | - | 17.6.76 | Wagwazwa ngebhodlela |
Mogapi, Samuel | - | 4 | 5.3.77 | Wadutshulwa washona |
Mogapi, Stephen | - | - | 26.12.76 | - |
Mogola, Johannes | Soweto | - 26.12.76 | - | |
Mogotsi, Nchimane Philemon | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mofokeng, Raymond | Soweto | 14 | 25.8.76 | Amanxeba okuduthulwa esifubeni nasemqaleni |
Mohamme, J. | Soweto | - | 24.8.76 | Wagwazwa esiswini, nobuso bucwecwiwe |
Mohapi, Steven | Soweto | 58 | 18.2.77 | Ukulimala ekhanda. |
Mohapi, Jacob | - | 16 | 23.9.76 | Wabulawa amanxeba enhlamvu yesibhamu ephashini. |
Mohlabane, Mphele | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mohwaduba, Simon | Mabopane | - | 31.12.76 | - |
Mokgatle, Mohatle Moses | Soweto | 47 | 26.12.76 | Amanxeba okugwazwa |
Mokobi, Cornelius | - | 24 | 30.8.76 | Watholakala efile nenxeba lokudutshulwa esifubeni |
Mokoena, Moremane | - | 14 | Amanxeba amabili okudtshulwa esufubeni nasemlenzeni | |
Mokoena, Amos | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mokoena, Moses | Soweto | - | 26.12.76 | |
Mokoena, Vincent | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Molapo. Lobian | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Molefe, John | Soweto | 19 | 25.6.76 | - |
Molefe, Peter | Soweto | 21 | 26.12.76 | - |
Moleko. Hendrick | Soweto | - | 18.6.76 | Wadutshulwa esiswini |
Moloi, Joseph Karabo | - | 16 | 29.9.76 | Wadutshulwa esiswini |
Moloi, Philadelphia | - | 17 | - | Wadutshulwa wafa |
Mononyane, Joseph S. | Soweto | - | 18.6.76 | |
Montjane, Elijah | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mooketsi, Johan | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Morolong, Bruce | - | - | 31.12.76 | Wabikwa njengolahlekile emva kwezinxushunxushu zikaZibandlela. |
Morolong, J.P. | Soweto | - | 23.9.76 | Wagwazwa waphinde washawa waze wafa |
Moses, Phillip | Ravensmead | 41 | 7.9.76 | Wadutshulwa esiswini ngaphambili |
Mosie, Ezekiel, Z. X. | Langa | 18 | 12.8.76 | Wadutshulwa ekhanda ngaphambili ngaphambi kwesiteshi samaphoyisa eLanga |
Mothutsane, Petrus | - | 25 | 25.8.76 | Inxeba lokudutshulwa esifubeni |
Motsweni, Daniel Nethan | Soweto | - | 25.9.76 | Amanxeba okudutshulwa |
Mphetha, Lawrence | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mphithi, Joseph | Soweto | - | - | - |
Mpinga, Joseph | Soweto | 34 | 25.9.76 | - |
Mpusula, Simon | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mshelwane, Lawrence | Soweto | 27 | 26.12.76 | Amanxeba okudutshulwa esiswini |
Mshudulu, Welili R | Gugulethu | 23 | 11.8.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili |
Mrwebi, Daniel | Gugulethu | 23 | 12.8.76 | Wadutshulwa esiswini ngaphambili |
Msimanga, Mbekiseni | Soweto | - | 26.12.76 | |
Mteto, Temba | Gugulethu | 21 | 31.8.76 | - |
Mthembo, John | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mthembu, Reuben | Soweto | 19 | 26.12.76 | - |
Mthemba, Mzinane | - | 27 | 14.9.756 | Isidumbu satholaka emva kokuba iqulu selihlakazekile |
Mthombeni, M. | Soweto | - | 26.12.76 | Wahlaselwa yizigebengu |
Mtshadi, Simon | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mubuya, Bennett | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mukel, Dennis | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Muller, Jurie | Elsies River | 16 | 9.9.76 | Wadutshulwa eceleni kwekhanda kanye nagaphezulu komzimba |
Mutlane, Herman | - | 42 | - | Inxeba lokudutshulwa ekhanda |
Mvukuse, Rebson, T | Gugulethu | - | 17.9.76 | Wadutshulwa |
Mzwamadoda, M.B.A. | Langa | 35 | 11.8.76 | Wadutshulwa ehlombeli lesokudla ngasemuva |
Mzila, Hezia | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Mziwoke, Jan Lloyd | - | 35 | 18.6.76 | Inxeba lokudutshulwa esifubeni |
Nabuka, Ambrose | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Nare, Michael | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Ncube, Daniel | Soweto | - | 26.12.76 | Inxeba lokudutshulwa enqulwini |
Ndau, Herbert | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Ndebele, Zuzele | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Ndibongo, Michael | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Ndingane, Mzimkhulu | Gugulethu | 11 | 14.9.76 | Wadutshulwa esiswini ngaphambili |
Ndlela, Hector | Soweto | 20 | 26.12.76 | - |
Ndlovu, H.J. | Soweto | - | 26.12.76 | Inxeba okudutshulwa esiphongweni |
Ndlovu, Jimmy | Soweto | 26.12.76 | - | |
Ndlovu, Lesley Hastings | Soweto | 17 | 16.6.76 | - |
Ndlovu, Obed | Soweto | 16 | 26.12.76 | |
Ndlovu, Timothy | Soweto | 36 | 18.6.76 | - |
Ndou, Herber | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Nduna, Sifanelo K. | Langa | 38 | 11.8.76 | Wadutshula emhlane kanye nasokhalweni ngemuva |
Ndunga, Nicholas S. | Gugulethu | 22 | 11.8.76 | Wadutshulwa esifubeni ngaphambili ebhodlela sitolo |
Ndzube, Norman B. | Gugulethu | - | 4.12.76 | Wadutshulwa wafa |
Ngaba, Wellington | Soweto | - | 26.12.76 | Wadutshulwa |
Ngabi, Joseph M. | Camps Bay | 22 | 11.8.76 | Wadutshulwa wafa |
Ngcobo, Oben | Soweto | 17 | 26.12.76 | - |
Nqcobo, Thuthuka | - | 16 | 15.9.76 | Amanxeba okudutshulwa |
Nqcobo, Eric | - | 16 | - | Wadutshulwa ekhanda |
Ngemane, Morris | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Ngobeni, Harry | Soweto | 26 | 26.12.76 | - |
Ngobeni, Johannes | Mabopane | - | 31.12.76 | - |
Ngoma, Tennyson | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Ngubene, Aaron | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Ngubene, Vusimuzi | Soweto | 34 | 26.12.76 | - |
Ngwenya, Amon Vusi | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Ngwenya, Stanley | Soweto | 34 | 17.6.76 | - |
Nhlapo, Timothy | Soweto | 31 | 26.12.76 | - |
Nixkey, Basil W. | Manenberg | 41 | 9.9.76 | Wadutshulwa emuva eGreen Dolphin Bottle Store |
Nkabinde, Fanyana | Soweto | 17 | 26.12.76 | Amanxeba okugwazawa emqaleni nasenhliziweni |
Nkambule, David | Soweto | - | 26.12.76 | |
Nkangana, Zacharia | Nyanga | 18 | 26.12.76 | Wadutshulwa wafa |
Nkata, Samuel | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Nkofu, Mnyane, Jacob | Soweto | - | 26.12.76 | - |
Nkomo, Eric | Soweto | 17 | 26.12.76 | - |
Nkonyane, Norurau | Soweto | 34 | 10.8.76 | - |
Nkosi, Jacob Pretoria, | Mamelodi | - | 31.12.76 | - |
Nkosi, Monica | Soweto | 6 | 1.8.76 | - |
Nkosi, Patrick | Soweto | 20 | 23.8.76 | Inxeba lokudutshulwa emqaleni. Waduthsulwa ngenkathi ebalekela ukuboshwa |
Nkuta, Gordon | Soweto | 19 | 25.7.76 | - |
Nkutha, H.P. | Alexandra | - | 26.12.76 | Wadutshulwa |
Imvelamuva
hlelaAbantu abasha abaningi balifulathela elaseNingizimu Afrika ngoba kwasekusobala ukuthi izimpilo zabo zabe zisengcupheni babengafa noma bebengaboshawa noma inini. Amaqembu ayesukbhaceni okubalwa kuyo i-ANC kanye noPAC athola ithuba lokuqasha knanye nokuqeqeshela impi abantu abasebancane ezinkambini nagaphandle kwaseNingizimu Afrika. Lamaqembu abe eqeqesha labantu abasghu ukusebenzisa izibhamu kanye nokucekela phansi, lapha babeqeqeshwa ezinkambini eAngola (Engineering Camp) kanye nenye yaseTanzania (Mkumbane) Cite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name. Izinhlangano zezombusazwe za ukuthi iNingizimu Afrika ukuba ifakelwe izibopho (sanctions) Inhlangano Yezizwe (United Nations) [13].
Izithombe zemibhikisho yangoe-1976 zasabalala umhlaba wonke, lezi zithombe zabe ziveza ngokusaobala ukuthi uhulumeni waseNingizimu Afrika wabe ewahlukumeza kanjani amalungelo ama-Afrika eNingizimu Afrika. Isithombe esahlaba abaningi umxhwele yileso esathwethsulwa yintatheli yezithombe ogama layo nguSam Nzima, kulesi sithombe kuvela uHector Pieterson ephethwe nguMbuyisa Makhubo emva kokuduthsulwa ngamaphoyisa bengahlomile. Kules sithombe kukhona udadewabo kaHector Pieterson u-Antoinette Sithole egijima eceleni kwabo. Lo mfanekiso sewaba nguphawu lwalolusuku lokuVukela kweNtsha eSoweto[5]Cite error: The opening <ref>
tag is malformed or has a bad name.
Ngonyaka we-1994 usuku lwa-mhla zingama-16 kuNhlangulana lweziwa iholide lomphakathi. Kulolu suku kususke kubungazwa iqhaza elabanjwa iyintsha ekulweni nohulumeni wengcindezelo kubuye kukhunjulwe bonke abalahlekelwa yizimpilo zabo belwa ngalolu suku.
Kwimidiya
hlelaLolu suku lwanziwa ifilumu ngonyaka we-1992, kwifilumu esihloko sayo yi-Sarafina eveza izigameko zangonyaka we-1976 lapho kudla phambili kuyo uLeleti Khumalo kanye no-Whoopi Goldberg. Lolu suku lubuye luvele kwenye ifilimu yaseNingizimu Afrika esihloko sayo i-Stander eyabe ikuluma ngomphangi wamabhange owayekade engukaputeni wamaphoyisa. Isiteshi sikamabonakude i-SABC1 wakhombisa umdlalo obizwa nge"When We were Black" ngonyaka we-2006 lapho babeveza imzimpilo zabafundi abangabangani ngonyaka we-1976. [14].
Bheka futhi
hlelaImithombo
hlela- ↑ "The birth and death of apartheid". Kulandwe ngomhlaka 17 June 2002.
- ↑ "The Youth Struggle". South African History Online.
- ↑ Boddy-Evans, Alistair. "16 June 1976 Student Uprising in Soweto". africanhistory.about.com. Archived from the original on 1 March 2017. Kulandwe ngomhlaka 17 October 2017.
- ↑ "The June 16 Soweto Youth Uprising". Text "accesdate 25 August 2017" ignored (help)
- ↑ 5.0 5.1 5.2 Sifiso Mxolisi Ndlovu. "The Soweto Uprising". The Road to Democracy in South Africa (PDF). 2. South African Democracy Education Trust. p. 344. Archived from the original (PDF) on 25 April 2012. Kulandwe ngomhlaka 30 October 2011.
- ↑ Alistair Boddy-Evans. "The Afrikaans Medium Decree". About. Archived from the original on 2009-05-13. Kulandwe ngomhlaka 2017-10-17.
- ↑ The Youth Struggle,"The 1976 Students' Revolt". South African History Online.
- ↑ Davie, Lucille (12 June 2006). "The homecoming that wasn't". City of Johannesburg. Johannesburg News Agency. Archived from the original on 14 June 2006. Kulandwe ngomhlaka 23 August 2017.
- ↑ F.I.J. van Rensburg. "Soweto, 1976: 'n Inklusiewe herbegin 30 jaar later?" (in Afrikaans). Die Vrye Afrikaan. Archived from the original on 2016-03-08. Kulandwe ngomhlaka 2017-10-17.CS1 maint: Unrecognized language (link)
- ↑ Empty citation (help)|title=A Dictionary of South African History|year=1998|last=Saunders}}
- ↑ April Francis; Vanessa Marchese. "Apartheid South Africa and the Soweto Rebellion" (PDF). hofstra.edu. Hofstra University. Archived from the original (PDF) on 2017-07-09. Kulandwe ngomhlaka 2017-10-17.
- ↑ Harrison, David (1987). The White Tribe of Africa.
- ↑ Davidson, Basil (1976). Southern Africa: the new politics. Penguin Books.
- ↑ "When We Were Black (TV Series 2006– )". Internet Movie Database. Kulandwe ngomhlaka 15 October 2017.