UmCaphana

inhlwa yevanga enophawu Ca nenani lobuchwe elingama-20

Calcium_unter_Argon_Schutzgasatmosphäre

Umcaphana uyinhlwa yevanga enophawu u- Ca nenani lobuchwe elingama-20. Njengenkimbi yomhlaba engqubathi, umcaphana uyinkimbi esabelayo eyakha ungqimba olumnyama lwentuhla yenihwe lapho uhlangana nomoya. Izakhi zawo ezingokoqobo nezingokwesiqa zifana kakhulu nohlobolunye lwayo olunzima kakhulu iSolombi nomBhanya. Iyinhlwa yesihlanu eyinala kakhulu ogobohlweni lomhlaba, futhi iyinhlwa yesithathu eyinkimbi eningi, ngemva kwensimbi nesAlumbe . Umxube womcaphana ovame kakhulu emhlabeni, umcaphana womcalahle, otholakala kwitshemcako nasezinsaleleni zentshicwa yokuphila kwasolwandle kwaphambili; i-gypsum, i- anhydrite, i-fluorite, ne- apatite nazo ziyimithombo yomcaphana.