UmNgcikisho

inzululwazi esetshenziswayo

UmNgcikisho (noma ubunjiniyela) kuwukusetshenziswa kwezimiselo zenzululwazi lapho kuklanywa noma kwakhiwa izinguxa, izakhiwo, nezinye izinto ezifana nemicabeko, imigudu, imigwaqo, izithuthi, nemibijongo. Uqeqesho lomngcikisho luhlanganisa imikhakha ekhethekile eyizinhlobonhlobo yomngcikisho, ngamunye ogcizelela ngokuqondile indima ekhethekile yomchazazibalo ezisetshenziswayo, inzululwazi esetshenziswayo, nezinye izinhlobo ezisetshenziswayo.

Isilumbamdiki somusi, esasiyisiqhubezi esikhulu seNguqulo yeziMboni, sigcizelela ukubaluleka komngcikisho emlandweni wesimanje.


Ibizo lesizulu elithi 'umNgcikisho' lithathwe esenzweni sokungcikisha (esimqondofana 'ukulumba'), esisho 'ukuqamba, ukukhanda', esifanayo negama lesilathini okuthathwe kulo elithi enginneering (Latin 'ingenium', meaning "cleverness" and ingeniare, meaning "to contrive, devise.)

Incasiselo hlela

UMkhandlu wabaNgcikishi baseMelika wokuThuthukiswa okuChwepheshile (The American Engineers' Council for Professional Development) uchasisa 'umngcikisho' ngokuthi:

Ukusetshenziswa ngobunomfiya kwezimiselo zenzululwazi lapho kuklanywa noma kuthuthukiswa izinhlaka, izinguxa, amathuluzi, noma izinqubo zokukhiqiza, noma imisebenzi ezisebenza zodwa noma ngokuzihlanganisa; noma ukuzakha noma ukuzigidinga ngokolwazi lomklamo wazo; noma ngokuqagula ukucondoza kwazo ngaphansi kwezimo zokugidinga ezithile; ngokuvumelana nokusebenza okuhlosiwe, amancozu wokugidingwa kwazo nokuphepha kwempilo nempahla .[1][2]

uMlando hlela

 
unyanduko lwebalazwe lesonto lase-Lille, elaklanywa ngowe-1668 ngu-Vauban, owangumngcikishi wezempi wangaleyonkathi.

Umngcikisho yinto ebilokhu ikhona kusuka endulo lapho abantu bengcikisha iziqambo ezifana netshopi, isixakaxo, isondo nomdonso njll.

Ibizo lesizulu elithi umngcikisho lisuselwa esenzweni sokungcikisha, (esisho ukulumba, ukuqamba, ukukhanda, ukuklama). Leli kwakuyigama elisho isenzo sokuqamba amathuluzi amasha, nezindlela ezintsha zokwakha. Entshona leli bizo lalisho ukuqanjwa kwezinguxa zasempini zokuhlasela, ezifana nezihlingi (catapult), ezazikikijela amatshe abuthayo ngaphezu kwezingange zemizi engangeneki kalula.

  • Engineering - Umngcikisho
  • Engineer - umNgcikishi

Elinye igama elihlone nelithi umNgcikisho, elithi ukulumba liyasetshenziswa ekuhumusheni elithi engine ngokuthi 'isilumbamdiki'.

Kamuva, lapho sekuklanywa izinhlaka zomphakathi, ezifana nemicabeko nemibijongo, futhi nazo zithathwa njengoqeqesho lobuchule, igama elithi 'umngcikisho wengqalasizinda' layeka ukusebenza kwezempi nasekuqambeni amathuluzi kuphela, futhi lakwazi ukuhlukanisa phakathi kwalabo abagxile ekwakheni izinhlaka onkungezona ezempi nalabo ababandakanyeka oqeqeshweni lomngcikisho wezempi.

Enkathini yasendulo hlela

 
AmaRoma wasendulo akha imiguduyamanzi ukuze alethe amanzi ahlanzekile ezidlaveleni nasezidlidlini zombuso wawo.

Izitshopolonco zaseGibhithe lasendulo, namadongolo waseMesopothamiya, umuzisiqongo (acropolis) yaseGrisi, namathumbamanzi waseRoma, umgwaqo wase-Aphiya neNkundlakazi (Colosseum), i-Teotihuacán, nendlu engcwele ka-Brihadeeswarar yase-Thanjavur, phakathi kwezinye, zimi njengobufakazi bobuchule nekhono labangcikishi bezempi nengqalasizinda basendulo. Izinye izakhiwo, ezingasmile, ezifana neziNsimu ezilengayo zaseBhabhiloni namaFaro wase-Alexandriya, zaziwukufezwa komngcikisho okubalulekile ngaleso sikhathi futhi zazibalwa phakathi kweziMangaliso eziyisiKhombisa zeZwe laseNdulo.

Izinguxa ezilula zakudala eziyisithupha zazaziwa emazweni amaningi njengaseMpuma ePhakathi yaseNdulo. Itshopi/izembe kanye negxalo zazaziwa kusuka enkathi yanguna. Isondo, nomshiza onesondo, kwaqanjwa kwelaseMesopotamiya ngenkulungwane yesi-5 BC. Zazikhona naseGibhithe zisetshenziswa njengomlunganiso wokulingana, nokunyukuzisa izinto ezinkulu ebuchwepheshenibemishini baseGubhithe lasendulo. Isixakaxo naso sasisetshenziselwa ekukhuphuleni amanzi emthonjeni, njengesigwadlulo sokuqala eminyakeni eyizi-3000 BC edlule. Ubufakazi bomdonso wokuqala nawo uvela kuzo lezi zindawo ezimbili. Isibhinyi, naso saqanjwa eMesophothamiya, enkathini yeminyaka (911-609 BC) emva kombuso wase-Asiriya. Izitshopolonco zaseGibhithe zakhiwa kusetshenziswa izinguxa ezilula ezintathu kulezo eziyisithupha ezaziwayo.

UmNgcikishi wengqalasizinda wangaphambili owaziwayo wayebizwa ngokuthi ngu-Imhotep. Njengesinye sezikhulu zikaFaro uDjoseri, kungenzeka uyena uwaklama futhi waqondisa ukwakhiwa kwesitshopolonco sikaDjoseri, esiseSaqqara eGibhithe cishe ngowezi-2630-2611 BC. Izinguxa zokuqala ezazifukuthwa ngamanzi ezisebenzayo, isondo lamanzi , lona lavela okokuqala embusweni wasePheresiya ekhulwini lesi-4 BC, endaweni namuhla eyaziwa nge-Iraq ne-Iran.

IKushi lona lathuthukisa i-Sakhiya ekhulwini lesi-4 BC, elalisebenza ngamandla wezilwane kunesidlakathi sabantu. I-Hafiri lathuthukiswa njengohlobo lwechibi ukuze luqakathe futhi lugcine amanzi futhi luxhase ekucheleleni. Abangcikishimpi babesetshenziswa ukwakha imicabekwana lapho kunemikhankaso yezempi. Obabamkhulu bamaKushi bakha namaliba enkathini yeThusi emaphakathi kwezi-3709-3250 BC.

IGrisi lasendulo lona lakha izinguxa zengqalasizinda nezempi. Kanjalo neRona lasendulo, kanye nelaseShayina lasendulo, amabutho wakulamazwe ayesebenzisa izinguxa zempi neziqambo zakhona ezifana nemicibisholo eyathuthukiswa cishe ngekhulu lesi-4 BC, kanye nomkhumbi wempi, isicibasidli (ballista) kanye nesihlingi.

Amagatsha ayinhloko womNgcikisho hlela

 
Ichibi lika-Hoover

UmNgcikisho lunguqeqesho olubanzi oluvame ukuba luhlephulwe lube oqeqesho abambalwa abangaphansi. Nakuba umNgcikishi evame ukuqeqeshwa kuqeqesho oluqondile, angakwazi ukuba abe ngoqeqeshwe nhlazonke ngobungcweti. UmNgcikisho uvame ukuchazwa ngokuthi ngonamagatsha amane: umNgcikisho weziQa, umNgcikisho weNgqalasizinda, umNgcikisho wamaZuba, nomNgcikisho weziNguxa.

UmNgcikisho weziQa hlela

UmNgcikisho weziQa ungukusetshenziswa komchazandalo, umchazatho, umchazampilo kanye nezimiselo zomngcikisho ukuze kugunundwe imidludlungu yeziqa ezingeni lezentengiselwano, ezifana nokukhiqiza kwezithengiswa zeziqa , iziqa ezikhethelo, ukuhluzwa kwamafutha, ukulumbancinci (microfabrication), ukuvubela, nokukhiqizwa kwamachembempilo.

UmNgcikisho weNgqalasizinda hlela

UmNgcikisho weNgqalasizinda ungukuklanywa nokwakhiwa kwemisebenzi yasobala nesisulu, efana nengqalasizinda (izikhumulo zezindiza, imigwaqo, ujantshi, ukuhlinzeka ngamanzi nokuhlanzwa kwawo njll), imicabeko, imigudu, amachibi, nezakhiwo.

UmNgcikisho wamazuba hlela

 
isidikizisi samazuba

UmNgcikisho wamazuba ungukuklanywa, ukufundwa, nokukhiqizwa kwezinhlelo ezihlukene zamazuba nezezizubisi, ezifana nomNgcikisho wokusakaza, izintandelo zamazuba, izidikizisi zamazuba, izinguxa zobunzubawonga nezobunzubanguxa, izinguxa zamazuba, izintandelo zezizubisi, izinxoza zokukhanya, izinguxa zenzubakhanyo, izimiso zesicikizi, amathuluzi wezokuxumanade, izimiso zokulawula, kanye nezizubisi.

UmNgcikisho wezinguxa hlela

UmNgcikisho wezinguxa ungukuklanywa nokukhiqizwa kwezimiso zezinguxa (imishini), ezifana nezimiso zamandla nesidlakathi, imikhiqizo yezindiza, izimiso zezikhali, imikhiqizo yezokuthutha, izilumbamdiki, izibuthazi (compressors), Ubuchwepheshe belinya, izifukuli zokuqhinga umqhikizeko, ezokukhiqiza, ezezithununu, izindiyane, amathuluzi wokulalela, nezobuNguxazubi (mechatronics).

UmNgcikishampilo hlela

UmNgcikishampilo (Bioengineering) ungukungcikishwa kwezimiso eziphilayo ngokwenjongo ewusizo. Izibonelo zocwaningo lomngcikishampilo zihlanganisa Izinungwana ezingcikishelwe ukukhiqiza iziqa, ubuchwepheshe obusha bokufanisa, izinguxa eziphathwayo zokuxilonga izifo ngokushesha, prosthetics, amakhambempilo, kanye nezitho ezingcikishwe izicubu.

Amanye amagatsha womngcikisho hlela

umNgcikisho wasemkhathini hlela

 
Isinyatheli esibizwa InSight esineziphempe zelanga ezivuliwe.

umNgcikisho wasemkhathini uhlanganisa ukuklama, ukuthuthukisa ukukhanda nomgidingo wezindiza, amaduna, nezicibazulu.

umNgcikisho wamanzi hlela

umNgcikisho wamanzi uhlanganisa ukuklama, ukuthuthukisa, ukukhanda nomgidingo wezikebhe nezinhlaka ezinganyakazi ezifana nemiganga yamafutha nezikhumulo.

umNgcikisho wesiCikizi hlela

umNgcikisho wesiCikizi uyigatsha limngcikisho elididiyela imikhakha embalwa yenzululwazi yesiCikizi kanye nomngcikisho wezizubisi ezidingekayo ekutuuthukiseni izingxenye namahlelokusebenza wesiCikizi. Abangcikishi besiCikizi imvama baqeqeshelwe umNgcikisho wesizubisi, ukuklama ihlelokusebenza nokunye okuhlobene.

  1. "Engineers' Council for Professional Development. (1947). Canons of ethics for engineers". Archived from the original on September 29, 2007. Kulandwe ngomhlaka August 10, 2021. Unknown parameter |url-status= ignored (help)
  2. [1] Archived July 31, 2020, at the Wayback Machine. (Includes Britannica article on Engineering)