Usuku lokubuyisana

Usuku Lokubuyisana phecelezi i-Day of Reconciliation yiholide lomphakathi olugujwa mhla zingama-16 uZibandlela eNingizimu Afrika minyaka yonke. Lolu suku lwaba semthethweni ngonyaka we-1994 inhloso yalo kungukubuyisana nobumbano eNingizimu Afrika. Ngesikhathi sobandlululo lolu suku labe lubizwa ngeDingaan Day eNatali. Kuzwelonke amaBhunu abe elubiza ngeDay of the Vow. Lolu suku kwabe kuyiholide lapho amaBhunu abe ebungaza khona ukuhlula amaZulu Empini yaseNcome (IsiNgisi: Battle of Blood River) nge-1838. Ngakwicala lezombusazwe ngalolu suku kubungazwa ukubunjwa ko-uMkhonto we sizwe owasungulwa nge-1961 yiqembu le-African National Congress (ANC).