IKwaZulu-Natali
iKwaZulu-Natali (IsiNgisi: KwaZulu-Natal; Template:Lang-Zulu; isiBhunu: KwaZoeloe-Natal) yisifundazwe saseNingizimu Afrika. Lesifundazwe sinamaphethelo nezifundazwe ezintathu zaseNingizimu afrika futhi sinamaphethelo namazwe amathathu okuyi Mozambiki, iseSwazini kanye ne Lesotho.
![]() ibheji lesifundazwe | |
![]() Indawo yesifundazwe eNingizimu Afrika | |
Izwe | ![]() |
Isiqubulo | "Masisukume Sakhe" "Let Us Rise and Build" |
Idolobha elikhulu | iTheku |
Ubukhulu bendawo | 94.361 km² |
Inani labantu (ngo-2011) | 10,267,300[1] |
Inani labantu (ngo-2017) | 11,060,000 |
Izilimi[1] | |
Izinhlanga[1] |
|
Isiqongo | Pietermaritzburg (c.1994) |
UNdunankulu |
Nomusa Dube-Ncube (ANC) |
Iwebhusayithi | www.kwazulunatal.gov.za Archived 2007-12-22 at the Wayback Machine. |
Lesifundazwe sasungulwa ngonyaka ka-1994, ngenkathi kuhlanganiswa isifundazwe samaBhunu iNatali kanye nesizwe samaZulu iKwaZulu. Inhloko-dolobha yeKwaZulu-Natali umGungundlovu, kodwa idolobha elikhulu kunawo wonke kulesifundazwe iTheku.[2]
Iningi labantu abahlala kulesifundazwe AmaZulu, futhi lesifundazwe saziwa eNingizimu Afrika nasemhlabeni wonke jikelele njenge khaya lamaZulu. IKwaZulu-Natali isogwini olusempumalanga.[3]
Lesifundazwe siyindabuko futhi nekhaya labantu abanjengo; Albert Luthuli, umuntu wokuqala onsundu ophuma ezwenikazi le-Afrika owanikezwa i-Nobel Peace Prize ngonyaka ka-1960; Pixley ka Isaka Seme, umuntu wokuqala onsundu eNingizimu Afrika owaba ngu-mmeli, waphinda wasungula iqembu lezepolitiki okuyilona elikhulu kunawo wonke eNingizimu Afrika i-African National Congress (ANC); John Langalibalele Dube, uhulumeni wokuqala weqembu le ANC; Harry Gwala ilunga le ANC kanye neqhawe lomzabalazo elalwela futhi lakhankasela amalungelo abantu abansundu baseNingizimu Afrika; Mangosuthu Buthelezi, umuntu owasungula iqembu lezepolitiki Inkatha Freedom Party (IFP); Jacob Zuma, owayenguMongameli wezwe laseNingizimu Afrika kanye no Shaka Zulu, inkosi eyahlanganisa isizwe yamaZulu.
AmaphetheloEdit
iKwaZulu-Natali inamaphethelo namazwe amathathu okuyi Mozambiki, iseSwatini kanye ne Lesotho kulezindawo;
- Isifundazwe seMaputo (eMozambiki)
- Esigodini seLubombo (eSwatini)
- Esigodini seShiselweni (eSwatini)
- Esigodini seMokhotlong (oSotho)
- Esigodini seThaba-Tseka (oSotho)
- Esigodini seQacha's Nek (oSotho)
eNingizimu Afrika lesifundazwe sinamaphethelo nalezifundazwe;
- IMpumalanga (enyakatho)
- IFuleyisitata (entshonalanga)
- IMpumalanga Kapa (eningizimu yentshonalanga)
IzilimiEdit
Ulimi olukhunyulwa kakhulu kunazo zonke izilimi kulesifundazwe IsiZulu kulandele IsiNgisi kugcine ngesiXhosa. Lezilimi; IsiBhunu, IsiSuthu, kanye nesiSwazi ziyakhulunywa kulesifundazwe kodwa abantu abazikhulumayo bancane.
ImfundoEdit
AmanyuvesiEdit
Amanyuvesi amakhulu kulesifundazwe;
- University of KwaZulu-Natal
- Durban University of Technology
- University of Zululand
- Mangosuthu University of Technology
EzemidlaloEdit
Imicimbi emikhulu yezemidlalo eyenzeka kwisifundazwe saKwaZulu-Natali;
- Midmar Mile, umcimbi wokubhukuda.
- Dusi Canoe Marathon, umcimbi womjaho wezikebhe oqala eMgungundlovu uphele eThekwini.
- Durban July, umjaho wamahhashi owenzeka nyaka nonyaka e-Greyville Racecourse eThekwini. Lomjaho iwona omkhulu kunayo yonke imjaho yamahhashi eNingizimu Afrika.
- Comrades Marathon, umjaho omkhulu kunayo yonke eNingizimu Afrika. Ibanga lalomjaho lihlanganisa uMgungundlovu neTheku.
ImithomboEdit
- ↑ 1.0 1.1 1.2 Census 2011: Census in brief (PDF). Pretoria: Statistics South Africa. 2012. ISBN 9780621413885.
- ↑ "Durban - Britannica". britannica.com. Kulandwe ngomhlaka 2020-03-25.
- ↑ "KwaZulu Natal". kwazulunatal-info.com. Kulandwe ngomhlaka 2020-03-25.[dead link]
Izifundazwe zaseNingizimu Afrika | |
---|---|
iFleyistata • iGauteng • Nyakatho Kapa • Ntshonalanga Kapa KwaZulu-Natal • Mpumalanga Kapa • Limpopo • Mpumalanga • Nyakatho-Ntshonalanga |