Busi Mhlongo
Igama lokuzalwa Busisiwe Victoria Mhlongo
Ubezalwa (1947-10-28) ngoMfumfu 28, 1947 (Iminyaka 76)
Inanda, KwaZulu-Natali, Ningizimu Afrika
Ubefa 15 ngoNhlangula 2010(2010-06-15) (iminyaka ama-62)
eThekwini
Izinhlobo uMbaqanga, Reggae, Jazz
Abasebenzi Umbhali wamaculo, umdidiyeli womculo, umdidyeli oqophayo, Isangoma
Amathuluzi Iphimbo
Isikhathi 1960-2010
Amaqembu House of Memory, MELT2000, Stern Music, Sheer Sound, Chissa Records
Amaviyo

Hugh Masekela


Busisiwe Victoria Mhlongo (28 ngoMfumfu 1947 – 15 ngoNhlangulana 2010) wabe umgumculi odumil wombahqanga owabe eqhamuka endweni yaseNanda, KwaZulu-Natali.

Imvelaphi hlela

UBusi Victoria Mhlongo wazalwa ngonyaka we-1947 eNanda KwaZulu-Natali. Wayengumculi odume kakhulu ngokuxuba uMbaqanga, Maskandi Reggae, Rock, Marabi nezinye izinhlobo zomculo. UBusi Mhlongo wayecula umhlaba wonke ecula futhi enezinkulungwane zabalandeli[1]

Udumo hlela

Ngeminyaka ye-1960 uBusi wayekade ehamba umhlaba wonke ecula. Umculo wakhe wawubonga abantu abathize uphinde ukhuze isizwe (Ebathenjini, Izizwe, Yehlisan' umoya) umculo wakhe uthinte abantu abaningi nabaculi abaningi

Umdlavuza nokudluma emhlabeni hlela

UBusi wayekade ephethwe Umdlavuza webele phecelezi i-Breast cancer, i-SABC yabamba i-Benefit concert ngonyaka wezi-2006 lapho abaculi abaningi babeculela uBusi kanti abalandeli benikela imali ukuze athole usizo uMhlongo. Ngonyaka wezi-2010 emva kokulwa nomdlavuza webele, ukufa kwamhlula ukufa uBusi walala okokugcina ngo15 June 2010 [2][3]. UBusi ubekade engudadewabo kaNdaba Mhlongo ewayedume ngokulingisa. UBusi ubekade eyiSangoma kanti loku kwakunomthelela emculweni wakhe nobuyena.


Imithombo hlela

  1. Harris, Craig. "Biography: Busi Mhlongo". Allmusic. Kulandwe ngomhlaka 2 May 2010.
  2. "Busi Mhlongo, queen of modern Zulu music, dead at 62". Mail & Guardian. 16 June 2010. Kulandwe ngomhlaka 23 January 2012.
  3. Bradshaw, Paul. "Busi Mhlongo – Urban Zulu & Queen of Maskanda 1947 -2010". Mondomix. Archived from the original on 2 November 2010. Kulandwe ngomhlaka 23 January 2012.