Isiphathamandla sikaZwelonke sezokuShushiswa

Isiphathamandla sikaZwelonke sezokuShushiswa (isiNgisi: National Prosecuting Authority, ngokufushane: i-NPA) iyisikhungo sikaHulumeni waseNingizimu Afrika esiphenya futhi esishushisa amacala eNingizimu Afrika. I-NPA isungulwe nguMthethosisekelo waseNingizimu Afrika ngezi-1996. Futhi, iPhalamende laseNingizumu Afrika ishaya Umthetho wePhalamende wesi-32 ka-1998 weSiphathamandla sikaZwelonke sezokuShushiswa ukuchaza nokwandisa amandla nomsenbenzi wayo. Umholi weNPA nguMqondisi kaZwelonke wezokuShushiswa womPhakathi, okwamanje ngu-Shamila Batohi. Umqondisi kaZwelonke uqokwa nguMongameli waseNingizimu Afrika ukuphatha iminyaka eyishumi. Ilunga legatsha lokuphatha elibhekane nezindaba ezihambelana ne-NPA nguNgqongqoshe woBulungiswa nokuThuthukiswa koMthethosisekelo. Iziqonga zonke zeNkantolo ePhezulu yaseNingizimu Afrika zinoMqondisi wezokuShushiswa komPhakathi osebenze njengomphathamandla wendawo engaphansi kwalesosigaba seNkatolo ePhezulu mayelana zobulungiswa.

Ubuholi

hlela

Inhloko nomholi we-NPA nguMqondisi kaZwelonke wezokuShushiswa womPhakathi. Uqokwa nguMongameli waseNingizimu Afrika. Uphatha imiyaka eyishumi kuphela. Ngaphansi kwakhe kunamaQondisi wezokuShushiswa womPhakathi abanegunya lokushushisa amacala endwaneni eqondane nendawo lapho khona isiqonga sesigaba seNkantolo ePhezulu inamandla okuhlulela ukudluliswa kwamacala khona. Umngcele wendawo ebasebenza kuyo uvame ukuhambelana nezifundazwe.

Abaqondisi bakaZwelonke ebaNdlule

hlela
Uhlu labaqondisi bakazwelonke
Isikhathi sokuphatha Igama Uqokwe ngu
1 uNcwaba 1998 – uNhlangulana 2004 Bulelani Ngcuka Nelson Mandela
Silas Ramaite (uphethe isikhashane) Thabo Mbeki
1 uNhlolanja 2005 – 23 uMandulo 2007 Vusi Pikoli
Mokotedi Mpshe (uphethe isikhashane)
uLwezi 2009 – uMfumfu 2012 Menzi Simelane Jacob Zuma
Nomgcobo Jiba (uphethe isikhashane)
1 uMfumfu 2013 – 11 uNhlaba 2015 Mxolisi Nxasana
Silas Ramaite (uphethe isikhashane)
18 uNtulikazi 2015 – 13 uNcwaba 2018 Shaun Abrahams
Silas Ramaite (uphethe isikhashane) Cyril Ramaphosa
1 uNhlolanja 2019 – present Shamila Batohi

Izinxenye

hlela

Isiphathamandla sikaZwelonke sezokuShushiswa sinezinxenye esiqonda nomkhakha othile wokuphenya ubugebengu nokushushisela umbuso amacala njengokulandelayo:

  • Isikhungo sokuBamba iMphahla: Sivumelekile ukuthi sibambe imphahla yabantu nezinhlangano futhi nokunikela leyomphahla embusweni edabeni elimayelana ubugebengu noma ukuphikisana emthethweni womphakhathi. Lokhu ikwenza ukuqinisekisa ukuthi imphahla yezigebengu iyadayiswa ukunxephezela abantu abahlushwe ubugebengu.
  • Ubugebengu bokuPhenya Obumelane neNkohlakalo: Buphenya amacala aqondane nokusebetshenziswa kwemali nokuphatha amandla embusweni ngedlela ekhohlakele.
  • Isikhungo samaCala weCansi neziNdaba zomPhakathi: Siphenya futhi sishushise amacala ocansi, ukuvikela nokuletha ubulungiswa ebantwini kakhulukazi abesifazane, izingane nabaxhwalile ebahlushwe udlame lwasendlini nolwecansi. Futhi, siqinisekisa ukuthi imali yokuwondla izingane iyakhokhwa.
  • Ihhovisi lokuVikela abaFakazi: Lisebenza ukuvikela nokuphephisa abantu abanobufakazi edabeni oluthile ekuhambeni kwamacala aphambili kwezinkantolo. Luqinisekisa ukuthi abafakazi abasencupheni noma ebahlukumezwayo baphephile ukuze bembule ubufakazi.
  • Isikhungo sokuPhikisana ubuGebengu oBubalulekile: Sisebenza ukushishisa nokuphenya amacala aqhamuka emthethweni ethile njengoMthetho waseRoma (amacala njengokugcekeza phansi amalungelo nokubhubhusa umphakathi noma uhlanga lwabantu). Futhi ibhekane namacala okulekela kwamaButho wamanye amazwe noma izinhlangano ezisebenzisa ubudlova ukudala ukwesaba nokuphoqa ushintsho embusweni, okwandisa noma ukusetshenziswa okungekho emthethweni izikhali ezingajwayelekanga nezijwayelekile.