Ubuchwepheshe

ukusetshenziswa kolwazi ekufezeni izimpokophelo ezisebenzayo

Ubuchwepheshe buwukusetshenziswa kolwazi ukuze kufinyelelwe empokophelweni esebenzayo ngendlela ecaciswayo nekhiqizekayo. Igama elithi ezobuchwepheshe lona lisetshenziswa lapho kubhekiselwa emikhiqizweni yobuchwepheshe. Ukusetshenziswa kobuchwepheshe kwenziwa kabanzi kwezokwelapha, inzululwazi, izimboni, ukuxhumana, ezokuthutha, nasempilweni yansuku zonke. Ezobuchwepheshe zihlanganisa izinto eziphathwayo ezifana nezingcedi noma izinguxa kanye namathuluzi angaphatheki afana namahlelokusebenza.

Isindiyi somusi esinegobongo elivuliwe, liyisibonelo sobuchwepheshe besidlakalasi

Izintuthukiso zobuchwepheshe eziningi ziye zaholela ezinguqukweni zomphakathi. Ezobuchwepheshe zasendulo ezaziwayo kwakuyithuluzi letshe, elalisetshenziswa enkathini yanguna, lilandelwe ukusetshenziswa komlilo, okwaba negalelo ekukhuleni kobuchopho bomuntu nasekuthuthukiseni ulimi enkathini yeqhwa. Ukuqanjwa kwesondo enkathini yethusi kwenza kube lula ukuntinta kabanzi nokukhandwa kwezinguxa eziyinkimbinkimbi. Ukuthuthukiswa kwezobuchwepheshe kwakamuva, kuhlanganisa isinyathelisi sokushicilela, ucingo, kanye noxhakaxholo kudilize izithiyo zokuxhumana futhi kwangenisa umnotho wolwazi.

Nakuba Ubuchwepheshe bunamagalelo ekuthuthukiseni umnotho nasekuphuculeni ukuxhuma kwabantu, bubuye bube nemithelela engemihle efana nokungcolisa umoya nokugcugcisa izinsizakusebenza, noma bungaba isisusa sezinkinga emphakathini njengokungasebenzi kwabantu ngenxa yezobuchwepheshe eziwphumela wenhleleleko. Lokhu sekuphumele ekutheni kube nezpikiswano kwezenjulalwazi nakwezombusazwe ngokuphathelene neqhaza kanye nokusetshenziswa kobuchwepheshe, imicondozo yobuchwepheshe nezindlela zokunqanda imijeyezo engavezwa yibo.

uMsuka hlela

Igama elithi "Ubuchwepheshe" lisuselwa egameni lesizulu eliyisenzukuthi elithi "chwephe" okuvela kuso isenzo esithi "chwephesha" esisho ukwenza izinto ngobunono nangekhono. Umsuka wabizo lesizulu cishe wafaka noMsuka webizo lwesingisi elithi Technology elivela kwelesiGriki elichazwa kanje: ( Τεχνολογία, from τέχνη 'art, craft' and -λογία, 'study, knowledge') . Ubuchwepheshe buwulwazi lokuthi Izinto zenziwa kanjani.

Amanye amagama wesizulu ahumusha futhi ahambelane namanye wesingisi asuselwa yilawa:

  • Technique - ubuchule
  • Technical - ubunyoninco

Kodwa nawo angahunyishwa ngokuthi Ubuchwepheshe njengoba asho ukusebenzisa ikhono nobuhlakani bezinga eliphezulu.