IMvelendeni

isidlangala sempilo esinamangqamuzana avela indeni
(Redirected from IMvelindeni)

Eukaryota_diversity_2

IMvelendeni, leyo amalungu ayo aziwa ngokuthi izimvelendeni ), iyisidlangala seziphili ezihlukahlukene ezinamangqamuzana anendeni noma avela indeni. Zonke izilwane, Izitshalo, ukhunta, nezinye iziphili ezinengqamuzana elilodwa zibizwa izimvelendeni. Zakha iqembu elikhulu lezinhlobo zokuphila zikanye namaqembu amabili wezinswelandeni: Izinungwana nezingunazana. Izimvelendeni zimelela iqeqebana elincane leziphili, kodwana ngenxa yobungako bazo obukhulu, ubuningi bazo embulungeni bukhulu kunalobo bezinswelandeni.