INuzi lechwe

iphakathi lechwe; elakhiwa izintungesi (izintunge nezinelesi)
(Redirected from INdeni yechwe)

INuzi lechwe liyingxenye encane emaphakathi ewugqinsi equkethe izinelesi nezintunge emnyombweni wechwe, lengxenye yavubukulwa ngowe-1911 ngu-Ernst Rutherford emva kwemigcanso eminingi. Emva kokuvubukulwa kwentunge ngowe-1932, izinongo zenuzi eyakhiwa izinelesi nezintunge zathuthukiswa ngokuphuthumayo ngu-Dimitri Ivanenko no-Werner Heisenberg. Ichwe lakhiwa inuzi elinomlelesa ovumayo, kanye nefu lezinzuba eziyizungezayo ezinomlelesa ophikayo, ezibhonqwe ndawonye isiphoqi somzuba. Cishe sonke isisindo sechwe sitholakala kuyo inuzi, kuyilapho ifu lenzuba linikela kancane kuso. Izinelesi nezintunge zibhonqwe ndawonye ukuze zakhe inuzi, zibhonqwa isiphoqi senuzi.

Unongo lwendeni yechwe oluyiveze njengenqwaba ehlangene yezinhlobo ezimbili zezintungesi : izinelesi (ezibomvu) nezintunge (ezilundwa).

Ibangandilinga lenuzi limaphakathi kwama-fm angeli-1.70 kwihwanzi (okuyibangandilinga lenelesi eyodwa) kuya kwayi-11.7 kwishaqantuva. Lemiyinge mincane kakhulu kunebangandilinga lechwe ngokwalo (indeni + nefu lenzuba).

Igatsha lomchazandalo elinake ukufundwa nokuqondwa kwenuzi lechwe, okuhlanganisa nezakhiwo zayo kanye neziphoqi ezizibhonqa ndawonye, ubizwa ngokuthi umchazandalo wenuzi.