UTho

noma yini enesisindo nomthamo

uTho ngokomChazandalo omdala nomchazatho ovamile luyinoma yisiphi isiqa esinesisindo futhi esidla umkhathi ngokuba nomthamo. Zonke izinto zansukuzonke ezithintekayo ekugcineni zakhiwa amaChwe, wona akhiwa izinhlayiyana zechwe (“subatomic particles”), futhi ngokolimi lwesayensi, "uTho" ngokuvamile luhlanganisa amaChwe nakho konke okuthakwe ngawo, nazo zonke izinhlayiyana ezenza sengathi zinakho kokubili, ingqumbi kanye nesisindo. Kodwa azibalwa izinhlayiyana ezingenasisindo ezifana namaBane, noma ezinye izimongotho eziyimpekumpeku noma amaGu anjengokukhanya noma umChadamezo. UTho lutholakala nangezimo ezingafani, ezihlanganisa isimo esiNqumile, esiluKetshezi nesiluHowo -- ngokwesibonelo amanzi atholakala eyiqhwa, engamanzi awuketshezi futhi engumusi oluhowo-- Kodwa ezinye izimo nazo zikhona ezihlanganisa uNyazani, imiJiyo kaBose-noEistein, imiJiyo yeFelimi noNyazani lweNkemfe-Ngcinyani.

ukukhanya okubukhwebezane kwehwanzi esimweni salo sonyazani, esiyinala kakhulu kumkhathilibe.

Ngokuvamile amachwe angacatshangwa njengendeni yezinelesi nezintunge, kanye "nefu" elizungezile lezinzuba 'ezithatha indawo'. Kodwa kuyiqiniso ingxenye kuphela, ngokuba izinhlayiyana zechwe nezakhi zazo zilawulwa isimo sazo somngako, okusho ukuthi azicondoze ngendlela izinto ezivamile zansuku zonke ezibonakala zicondoza ngayo – zicondoza njengamaza kanye nezinhlayiyana futhi azinabo ubungako obuchasiswe kahle noma izikhundla. Enongweni lwendinganiso (Standard Model) lomchazandalo wenhlayiya, utho alusona isicabango esiyisisekelo ngenxa izakhi eziyisiseko zamachwe ziyizinto zomngako ezingenabo "ubungako" ngokwendabuko noma "umthamo" nganoma imuphi umqondo wansuku zonke.