Ubuhlakani

Ikhono lokuqonda, ukubhekisela, ukugodla nokusebenzisa ukwaziswa

Ubuhlakani Incasiselo ngezindlela eziningi: amandla okukhanyanga, umhluzamqondo, ukuqonda, ukuzilumuka, ukufunda, ulwazi lomzwelo, ukuhluza, ukuhlela, ubuchule, ukucabanga okujulile kanye nokuxazulula izinkinga. Ngokuvamile, bungachaziswa njengekhono lokuqonda ukwaziswa, kanye nokubugcina njengolwazi oluzosetshenziswa emicondozeni ezivumelanisa nesimo phakathi komongo othile.

Ubuhlakani bucwaningwa kakhulu kubantu kodwa sebuye baqashelwa nasezilwaneni nasezimileni nakuba kunempikiswano ngokuthi ingabe lezi zinhlobo zokuphila ziyabubonisa yini ubuhlakani. Ubuhlakani eziCikizini noma ezinye izinguxa bubizwa ngokuthi uhlakahlisombulu.

uMsuka hlela

Igama elithi "ubuhlakani" elihlobene eduze nelithi "ukuhlakanipha" livela kwisenzokuthi esithi "hlaka".

iziNcasiselo hlela

Incasiselo yobuhlakani kuyaphikiswana ngayo, kuhluke ngokuthi amakhono wabo ayini nokuthi bungangakaniswa na? Amanye amaqembu abachazingqondo asikisela izincasiselo ezilandelayo: