EMandeni
IMandeni noma Mandini yidolobha eliKwaZulu-Natali, eNingizimu Afrika.[1]Leli dolobha lisesifundeni Ilembe. Leli dolobba lithi alibe ngamakhilomitha angama-22 enyakatho-mpumalanga nedolobha laKwaDukuza (elalaziwa ngelaseStanger), ngaphesheya komfula uThukela. Le ndawo ingamakhilomitha angama-96 ukusuka eThekwini.
IMandeni inoxhaxha lwezitolo ezine, okuyiMandeni Plaza, KwaSiqumbe (Renckens' SuperSpar), Mandeni Mall, Sundumbili Shopping Centre (KwaGcaleka). Ilokishi laseMandeni yiSundumbili, yona-ke enezigceme ezahlukene. Phakathi kwalezi zigceme kukhona iBhidla, iSikhalambazo, iThokoza, iDark City, iRed Hill, i-Island (okubuye kuthiwe yi-Ireland), kwaChappies naseWhite City. Kukhona nendawo eyayihlala abamhlophe kuleziya zikhathi zobandlululo okuthi kuseKwatasi. Leli dolobha linezimboni eziningi ezahlukene nokwenza ukuthi likwazi ukuletha izisebenzi ezisuka ezindaweni eziseduze nakude. iningi lezimboni lesindaweni yazo KwaSithebe. Imboni enkulu neqashe abantu abaningi nguSappi. Le yimboni eyakha iphepha futhi engenkulukazi eNingizimu Afrika. Umfula uThukela lugeleza lwedlule phakathi nendawo yaseMandeni. Isizalo salo mfula sisebangeni elithi malibe ngamakhilomitha ayi-10 mazansana neMandeni.
Yindawo eshisayo le ngezikhathi zasehlobo. Umlando uthi ngoZibandlela zingama-28, ngowezi-2020 kwaqoshwa ukushisa okwafinyelela ema-43oc.
laza | |
Izwe | INingizimu Afrika |
Isifundazwe | IKwaZulu-Natali |
Isifunda | ILembe |
Umasipala | Mandeni |
Uhulumeni | |
• Uhlobo | uMkhandlu Dolobha |
• IMeya | Thabani Mdlalose |
• uSekela Meya | Phindile Sishi |
• uSomlomo | L.B Magwaza[2] |
Ubukhulu | |
• Jikelele | 18.02 km² (6.96 sq mi) |
Inani labantu (2011) | |
• Jikelele | 3,904[3] |
• Iqulu | 220/km² (560/sq mi) |
Izinhlanga[3] |
|
Izilimi[3] | |
Isikhathi sendawo | SAST (UTC+2) |
Inombolo yePosi (umgwaqo) | 4490 |
Ikhodi yocingo | 032 |
Imithombo
hlela- ↑ "SOD turns on Mandeni enterprise park" Archived 2020-10-09 at the Wayback Machine.. mandeni.gov.za. Kulandwe ngo-Mfumfu 7, 2020
- ↑ "Mandeni Local Municipality Speaker. mandeni.gov.za. Kulandwe ngo-Mfumfu 7, 2020.
- ↑ 3.0 3.1 3.2 Census 2011: Census in brief (PDF). Pretoria: Statistics South Africa. 2012. ISBN 9780621413885. 4. Ntuli, SL 2002. EZASESUNDUMBILI. Durban. Wethu Publishers.