Ezocansi, noma izifundo zocansi, kuyisigaba solwazi olungaphansi kohlobo lofundondalo lomchazabuntu. Izifundo zocansi uhlobo lolwazi oluphathelene nokuqonda ubudlelwano phakathi kwabantu ngokocansi, izindlela obuguquka ngazo emlandweni nasekuhambeni kwesikhathi, njll. Okugqamayo kwezocansi uthando oluvela phakathi kwabantu nezinhlobo zabantu abathandana nabo. Igama elisetshenziswa ukuchaza abantu abathandanayo bobulili obufanayo "yisitabane" elaqala njengenhlamba. Kulezi zinsuku kukhona abaningi abafuna ukunqoba leli gama balisebenzise ngendlela engeyimbi. Kungenxa yezocansi nezobulili ukuba sazi namhlanje ukuthi ukuba nguye umuntu othandana nomunye wobulili obufana nobakho, noma umuntu onobulili obuhlukile kunobabanye, kujwayelekile futhi kuhle ngoba kuyisimilo somuntu azalwa enaso.

Okuhlobene kakhulu nezocansi ngezobulili, lapho kufundwa khona izimilo zabantu nobulili babo obuhlukahlukene, izindlela abazethula ngazo ukuveza imizwa yobulili babo, njll. Lokho kungabandakanya nezingubo ezigqokwayo, iziphaqulo ezisetshenziswayo, amaphimbo, ukuguqulwa kwemizimba, nokunye okuhlosiwe ukuveza ubulili ngendlela ehambisana noqobo lomuntu thizeni.

Izimpawu ezisetshenziswa ukuchaza izinhlobo zothando phakathi kwabantu